AWUKHO umsebenzi owuthola ngokuthi ugqaziswe! Lawa ngamazwi akhushwe ngumnyango wezaBasebenzi. Kuvelile kuwo lomnyango ukusho nje ngoba sebebaningi abantu abakhokhiswa izimali bagcine bengaqasheki. Kuphinde kwavela kulomnyango ukuthi akekho umuntu ofuna umsebenzi okumele akhokhiswe imali ngokomthetho obizwa ngokuthi Employment Services (ES) Act. “ Akumele abaqashi abazimele phecelezi employment agency, nayo akumele ikudonsele imali kumqashi, akumele kuze kwenzeke lokho,” kusho okhulumela umnyango uMnu Teboho Thejane. Uqhube wathi elakuleli iSouth Africa ibhekene nengwadla enkulu yokuswelakala kwemisebenzi ngoba nesibalo sesifinyelele kumaphesenti angu-32.9, athe lokhu kukhokhiswa kwabantu izimali sekusungule amaqola amaningi athembisa abantu umsebenzi bese ethi awakhokhe imali ethize ukuze baqashwe. Uthe lamaqola athembisa abantu bese ethi awakhokhe okuncane. “ UMnyango Employment and Labour, ithi seziningi izigameko ezifuze lezi lapho kuqolwa khona abantu izimali ngoba behluphekile,” esho. Uthi obunye ubugebengu obufuze lokhu kusetshenziswa igama lomnyango babathembise imisebenzi yasemahhovisi (Admin Work), nese becela lona ongumgilwa ukuba afake imali engu-R250, futhi baydiphozithe esitolo sakwaPEP. Uqhube wathi unxusa abafuna umsebenzi ukuba bangalokothi badiphozithe imali kubantu abazenza abaqashi. “ Abomnyango Employmeny and Labour, bathi bona baqasha besebenzisa uhlelo lwabo wePublic Employment Services (PES), esemagatsheni ukuba isize abantu abafuna imisebenzi, ngendlela evulekile.,” esho. Uqhube wathi thina siqasha abantu sisebenzisa loluhlelo olungenhla bese siqasha umuntu owufanele umsebenzi okhona. “ Okunye siyababhalisa abantu abafuna umsebenzi, sibhalisa abantu abafuna umsebenzi , siphinde siveze izikhala zomsebenzi okhona, ziyazama ngawo umuntu ukuba silandele izinhlelo zokuthi baqasheke. Sikhangisa imisebenzi ngendlela yokuthi wamukeleke kwi-education and training. “Siphinde siqinisekise ukuthi bathola ithuba lokuthi bayibone imisebenzi ekhona kanye nemihlomulo yayo. Siyakuqinisekisa ukuthi abasebenzi bayalekelelwa ikakhulukazi laba esibona bengaba zisulu ukuthi bayithole imisebenzi,” kusho yena. “ Bayalithola ulwazi abaludingayo ukuze bangene emathubeni okuqasheka, siphinde sibafake noma sibakhulumele nezinkampani ezizimele eziqashayo, sibafake ohlwelweni i-Sector Education and Training Authorities and
Training providers. Siyahlela ukuthi baqasheke abantu kokufika kodwa silandela imigomo ethize kanti kumele babe namaphepha abagunyaza ukuthi babe kuleli kanti futhi kumele bathole imsebenzi abangenayo abalapha, silandela isigatshana esithize somthetho ogunyaza ukuqashwa kwabangaphandle. Uphethe ngokuthi uma kukhona okufuna imali uma ufuna umsebenzi , vele ubone ukuthi iqola noma amaqola.