ISIBHAMU esishaqwe kumsolwa.
UTHELA uzithelo umkhankaso wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu KwaZulu-Natal, ikakhulukazi kwisiFunda Umzinyathi! Ngenxa yokwanda kwezibhamu kulesifunda sekujutshwe i-National Intervention Operation Deployment, endaweni yase-Nquthu kanye nakwezinye izindawo ezingaphansi kwalesifunda esesibalulwe ngenhla. Kuvelile ukuthi lelithimba alihambi lodwa kodwa lihamba namanye amaphoyisa asesifundeni ezinhlaka ezahlukene. Kuphinde kwavela ukuthi lolu Phiko oselubalulwe ngenhla kanye nezinye izinhlaka babophe umsolwa oneminyaka ewu-37,eMagobhe village, engaphansi Emakhabeleni ,eKranskop, emva kokuba etholakale nesibhamu esingekho emthethweni. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe amaphoyisa alunywe indlebe amalunga omphakathi ukuthi kunomsolwa ophethe isibhamu esingekho emthethweni, nabe esegasela kulendawo esibalulwe ngenhla , afike asesha lomsolwa amthola nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe.38 special kanye nezinhlamvu, mhlaka 9 may 2024. Uqhube wathi babe sebembopha khona lapho lomsolwa okulindeleke ukuba avele eNkantolo kaMantshi waseKranskop, maduzane ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.