UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal , uMnu Sipho Hlomuka ,umemezele ukuthi kuzovulwa ngokusemthethweni isikole samabanga aPhakeme i-Dr LJ Dube High School, mhlaka 19 September 2024. Kuvelile ukuthi kuzobe sekwembulwa icwecwe okubhalwe kulo umlando ngalesikole. Kuzokhumbulela ukuthi lesikole sakhiwe ngenhloso yokuhlonipha inqalabutho eyaba ngumholi we ANC uDkt John Langalibalele Dube. Kuvelile ukuthi lesikole sovulwa ngokusemthethweni endaweni yakwaMashu, eNyakatho neTheku. UMnyango ukuvezile ukuthi wona ujabule kakhulu ukuzothula noma ukuvula ngokusemthethweni isikole esiseqophelweni eliphezulu futhi esikulungelo ukufundisa kanye nokufundiswa kwabantwana. Usuku: 19 September 2024
Isikhathi:09H00
Indawo:Dr JL Dube High School , KwaMashu