KWESINGENHLA nguSekela thishanhloko uMnuz Kwazikwakhe Majozi, uthishanhloko uMnuz Bradley Mcdonald kanye neSekela lesibili uMnuz Nkosingiphile Jele. Kwesingezansi oqokwe njengeNhloko yoMnyango uNkk S Ramballie. Izithombe.ZITHUNYELWE
UTHISHANHLOKO wesikole samabanga aPhezulu i-Dannhauser Secondary uMnuz Bradley McDonald wemukele amathishela amathathu esikoleni asiphethe okungamaSekela akhe amabili uMnuz Kwazikwakhe Majozi , uMnuz Nkosingiphile Jele kanye neNhloko yoMnyango uNkk S Ramballie,eDannhauser.
Kubikwa ukuthi izikhala zivuleke emva kokuba kukhona asebethathe umhlalaphansi kwase kuqokwa uMajozi, uJele noRamballie, ukuba bavale izikhala ebezivelile.
Kuphinde kwavela ukuthi laba abathathu bebemukelwa nguthishanhloko wakulesikole uMnuz McDonald osemkantshubovu njengoba eneminyaka engu-32 efundisa.
Ngenkathi emukela la mathishela uMnuz McDonald uthe laba bazoletha isipiliyoni abanaso ezikoleni ebebesebenza kuzo.
Uthe laba bazophucula izinga lokuphasa kulesikole esivele senza kahle ngenxa yamagalelo kanye namava abanawo emkhakheni wezemfundo.
Kuphinde kwavela ukuthi laba baqokelwe kulezikhundla ngoMsombuluko ondlule.
