AMAPHOYISA aseHelpmekaar aphenya icala lokutholakala kwamathambo esidumbu somuntu wesifazane atholakale epulazini i-Valhalla, e-Helpmekaar, eWashbank, ngaseMnambithi.
Kubikwa ukuthi amathambo esidumbu somuntu wesifazan atholwe ngumalusi kuleli pulazi emasontweni amabili edlule, ngo-Okthoba 3, wabe esetshela umqashi wakhe obe esebiza amaphoyisa ngokushesha.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, uthe amaphoyisa afike endaweni yesigameko, uphenyo lwawo lwesikhashana alenze khona endaweni yesigameko lwaveza ukuthi lezi zinsalela zesidumbu bese zinesikhathi zikhona kule ndawo ezitholakale kuyona.
“ Imbangela yokubulawa noma yokufa kwalona wesifazane ayaziwa, nanokuthi ungubani wakwabani akwaziwa.
Okwenze kwakholakala ukuthi amathambo ngawomuntu wesifazane ukutholakala kwesikibha esiluhlaza nesigqoko sewuli esimhlophe eduze kwawo amathambo.
Izinsalela zesidumbu zibe sezithathwa ziyiswa kwi-Dundee forensic laboratory, ukuze siyocwaningwa ngenhloso yokuthola ukuthi singesikabani, nembangela yokufa kwakhe,” kusho uConst Nkwanyana.
Amaphoyisa aseHelpmekaar anxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesi sidumbu noma owake wabona okusolisayo endaweni, ukuba athinte amaphoyisa.
Ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa noma onesihlobo sakhe esaduka angashayela umphenyi wecala uSergeant Seme ku-0795001248 noma ashayele esiteshini samaphoyisa aseHelpmekaar kulezinombolo ku-034 3267335/6.