Ingabe ungomunye ozimele emkhakheni wezindaba zokubhala kwiphephandaba, kwezokusakaza noma kuzindaba zikamabona kude, futhi inkampani yakho isafusa kanti iyafisa ukutholakala kubuchwepheshe besimanje? Uma ngabe inkampani yakho isemukhakheni wezindaba , wuwe loyo esimfunayo.
Lenhlangano i-SANEF iyakubona ukubaluleka kwamaphephandaba, imisakazo kanye nomabonakude basezindaweni ezisemakhaya futhi abasafufusa ngoba bayaqinisekisa ukuthi umphakathi uyazi ngokwenzeka kakubo. Nakuba kubonakala ukuthi kunezinselelo eziningi ezibhekene nabanikezi balezinkampani ngenxa yokusebenza ngaphansi kwencindezi yezezezimali ngoba iningi labo alixhasiwe. Lemikhakha yabezindaba ikuthola kunzima ukusebenza kahle ekuhambiseni ulwazi lwezindaba ngenxa yokuntula kwezomnotho, ziphinde lezinkampani esezibalulwe ngenhla zingabi nayo imali yokuhlulisela izindaba zisebenzisa ezobuchwepheshe besimanje manje phecelezi digital platform. Esikhathini samanje izindaba zezitholaka ezinkundle zokuxhumana besi manje manje , kusetshenziswa ubuchepheshe bokuthi uzithole zishisa izindaba ziqeda kwenzeka.
Manje i-SANEF, imema bonke abezindaba abazimele ikakhulukazi laba abasemakhaya ukuba bafake izicelo ukuzo bazothola uqeqesho lokuthi izinkampani zabo zisebenzisa ubuchepheshe besimanje manje. Lolu uhlelo lwesibili loqeqesho oluvulelekile okwamanje olumema lezinkampani ukuba zibe inxenye yohlelo lwesibili oluvulelekile okwamanje.
Lolu hlelo kuhloswe ngalo ekuthuthikiseni abomkhakha wamaphephandaba, imisakazo kanye nomabonakude basemakhaya ukuthi bathole uqeqesho ekusebenziseni ubuchwepheshe besimanje manje, ekukhuliseni imikhakha yabezindaba, ukuze bakwazi ukuthi izindaba zabo zitholakala kuma website ko intanethi nakwezinye izinkundla zokuxhumana. Lokhu bakwenza ngoba bahlose ukuthi lemikhakha ikwazi ukusabalalisa ulwazi ngendlela ephucuzekile kanye nesheshashayo kusetshenziswa lobuchwepheshe, obubizwa ngedigital media platform. Lokhu kuzosiza kakhulu ukuthi abezindaba basebenze ngokushesha nangendlela elula.
Lolu qeqesho lwesibili luzosiza kakhulu ngoba luzosebenzisa amathuluzi esimanje manje , ezokwenza umsebenzi ubelula futhi usheshe. Luzophinde lusize kakhulu ekutheni lukwazi ukugadeka ukuthi lusebenza ngokushesha, ekutholeni nasekusabalalisa ulwazi noma izindaba ezenzakalayo ngokushesha. Loluhlelo luzosiza kakhulu ekusabalaliseni izindaba, kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana ezifana noWhatsApp, Tik Tok no Facebook.
Asigcini ngokuqeqesha abantu kuloluhlelo siphinde sibalekelele ukuthi basebenze ka ngaphansi kohlelo lwethu olubizwa nge help desk, kanye ne-Community Media Support Services .
Sebekhona abamaphephandaba kanye nomsakazo osungenile kuloluhlelo olubizwa nge SANEF Community Media Ditization Drive, asebaluthola loluqeqesho.
Uma ufuna ukuqokelwa kuloluhlelo kumele ube nalokhu okulandelayo:
1.Yibo inhlangano yabezindaba eshoda ngamakhono nezinsiza zobuchwepheshe besimanje manje
2.Yiba inkampani yephephandaba noma yezokusakaza
3.Yiba inkampani eneminyaka enesipiliyoni seminyaka emithathu isabalalisa izindaba futhi eqoqa izindaba, futhi ekwaziyo ukuhlunga izindaba zephephandaba , ezomsakazo kanye nezikamabonakude.
4.Iba nabasebenzi obaqashile noma amavolontiya enkampanini yakho. Ukwazi ukusebenzisa amakhompuyitha , wazi Internet browser, Word Processor kanye nokunye okuthinta ukusebenza kwamakhompuyutha.
5. Uqinisekise ukuthi unobudlelwano obuhle nosomabhizinisi bendawo, uphinde wakhe ubudlelwano nabantu okumele bafake izikhangiso.
6. Uqinisekise ukuthi uyayilandela yonke imigomo egunyaziwe yokuziphatha njengomuntu acoshela izindaba phecelezi South African Press Code Council kanye ne BCCSA Code.
7. Uqinisekise ukuthi inkampani yakho ibhalisiwe ngokusemthethweni futhi amaphepha ayo awahanjelwe sikhathi, kungaba inkampani, umfelandawonye noma inhlangano engenzi nzuzo phecelezi NPO.
Bonke abozobe befake izicelo zoqeqesho bazohlonzwa ngongothi kanye nephanela yabezindaba asebemkantshubovu, okuyothi isinqumo abazobe besithathile soba umqamulajuqu.
Ukufakwa kwezicelo kuvulwa mhlaka 20 October 2023
1. Lolu uhlelo lwesibili lokufakwa kwezicelo kanti laba ababefake izicelo okokuqala bangaphindi bafaka ngoba bawagcinile amagama abo
2.Izicelo zivuleleke kubahleli abazimele kanye nezinkampani zomphakathi zokusakaza.
3.Uhlelo lokulekelela labo abazobe befake izicelo, zobe zincike ekutheni ofake isicelo ushoda ngani noma udinga ukulekelelwa ngani
4.Labo abazobe behlonziwe nabo komele bazi ukuthi ulwazi kwabanye
Uma ufuna ukufaka isicelo gcwalisa amafomu atholaka kuledilesi elandelayo
HYPERLINK “https://bit.ly/SANEFDIGITISATION”
Okubalulekile bahleli
I-South African National Editors Forum (SANEF), inhlangano engenzi nzuzo (non- profit organisation) amalunga ayo kungabahleli, izintatheli ezimkantshubovu, izintatheli kanye nabaqeqeshi, abaqhamuka ezinkampanini zemikhakha yezindaba ngokuhlukana kwazo. Lenkampani engenzi nzuzo izibophezele ekutheni abezindaba bazicoshela ngokukhululeka, ngokulandela inkululeko yase South Africa eyatholakala kanzima, ukuze kuqgugquzela, kuphinde kugqakamiswe, ukubhalwa kwezindaba ngokukhululeka, kucwaningwe , kufundiswe kuphinde kuqeqeshwe abantu kulomkhakha. Kuphinde kugqakambiswe ubuntatheli nokukhululeka kwazo uma ziqhuba umsebenzi wazo. Okumele abantu bakwazi ukuthi lenhlangano akusiyoinyunyana.
Sbu Ngalwa – SANEF Chairperson (073) 404-1415
Nwabisa Makunga – SANEF Deputy Chairperson (082) 555-1972
Qaanitah Hunter – SANEF Secretary-General
Tshamano Makhadi – Treasurer-General (082) 223 0621
Makhudu Sefara – SANEF Media Freedom Chair (079) 177-2134
Judy Sandison – SANEF KZN Convenor (082) 571-3334
Dr. Glenda Daniels – SANEF Gauteng Convenor (083) 229-9708
Rochelle De Kock – SANEF Eastern Cape Convenor (072) 969-8028
Reggy Moalusi – SANEF Executive Director (071) 682-3695
Twitter: @SAEditorsForum
Email: admin@sanef.org.za
Website: www.sanef.org.za