UMKHANDLU Amajuba ubambisane ne-Interfaith kanye ne-Newcastle Community Radio (NCR), bamema izakhamuzi ukuba zihambele ukhukhulela ngoqo womkhuleka. Kuphinde kwavela ukuthi ngeke kugxilwe kakhulu kumkhuleko kodwa kuzophinde kugujwe iminyaka engamashumi amabili (20), kwasungulwa umsakazo womphakathi i-NCR. Ngokusho kwezokuxhumana kulomkhandlu osubalulwe ngenhla isiqubula salokhukhulela ngoqo womkhuleko sithi:” Sivuselela isizwe ngokuthula kuze kube la.” “ Kuvelile ukuthi lokhu bakwenza ngoba kuqala lonyaka ophezulu u-2024, ukuze bameme bonke abezenkolo
ezahlukahlukene, kanye namabandla ahlukahlukene ukuze bazokhulekela lesifunda esikhungethwe zinkinga eziningi okubalwa kuzo ukushushumbiswa kanye nokubhenywa kwezidakamizwa okudlangile, amaqembu amagenge (gansterism), ahlukumeza umphakathi ngezindlela eziningi , ukubulala, ukugqekeza, ukudlwengula kanye nokususa uthuthuva emphakathi a, aphinde abulalane wodwa. “ Ssizokhulekela nokuthi kube nokhetho olunokuthula ngoba maduzane kuzoba nokhetho lwezifundazwe kanye nolukazwelonke,” besho esitatimendeni. UMeya woMkhandlu osubalulwe ngenhla uMntwana Ndabuko Zulu, ube
esemema abezindaba ukuba babeyingxenye yalomkhuleko obizwa nge Interfaith ngoba uhlanganisa izinkole ezahlukene. Bathi izinhlelo zalomkhuleko zimi kanje:
Usuku: 8 February 2024
Isikhathi: 8 ekuseni
Indawo:Osizweni Community Hall.
Bathe ukuphumelela kwabantu ikona okubalulekile kakhulu..
Ngemibuza kungaxhunyanwa nalaba abalandelayo.
MS Nondu Mhlungu: Manager Communications
Cell:074 570 8990
Email: nondumisom@amajuba.gov.za
Ms Nqobile Cele: Communications Assistant (Media Relations)
Cell: 0611 70 4491
Email:nqobilec@amajuba.gov.za