ABEZEZINHLEKELELE KwaZulu-Natal , sebekhiphe isexwayiso kwizakhamuzi esithi kulindeleke izimvula ezzinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu , ezingadala izikhukhula! Kuvelile ukuthi lezimvula ezinamandla zingadala izikhukhula ezingaholela ekutheni kulimale
nenqalasizinda. Kuphinde kwavela ukuthi lezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma , umbani kanye nezikhukhula zingakhahkameza lezindawo ezilandelayo: isiFunda Umgungundlovu, Mooi-River, Howick, Impendle, Uthukela, Escort, Giant Castle, Ladysmith, Bergville, Amajuba, Newcastle, Dannhauser, Utrecht, Zululand, eDumbe, Vryheid kanye naseMondlo. Okhulumela uMnyango wezokuBusa nngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi,uthe abezangoma zezulu (South African Weather Services), KwaZulu-Natal, bakhiphe lesi sexwayiso ngoba bebona ukuthi kuzohlasela izimvula ezinamandla, ezizodala
izikhukhula, zilimaze nenqalasizinda, izindlu, izimoto zithole ukugugulela ziphinde zishaywe isiqhotho kanti nemfuyo baqagule ukuthi ngeke isale ngaphandle, kulezimvula. Ezinamandla. Unxuse ukuthi izakhamuzi kumele ziqikelele ukuthi bayazinaka lezixwayiso. “ Abashayeli bezimoto nabo bayaxwayiswa ukuthi kumele baqikelele uma beshayela emgwaqeni noma bahlahlesise uhambo lwabo, ngoba imigodigodi (sinkhole), eba semigwaqeni izoba igcwel amanzi lokho okuzokwenza kubelikhuni ukubona ukuthi kunengozi ngenxa yamanzi azobe egcwele,” kusho yena. Uphinde wanxusa izakhamuzi ukuthi zisuke kusenisikhathi ngaso sebeni lomfula wathi kuyingazi. Uphethe ngokuthi bonke laba abahlala ezindaweni eziphansi ukuba bakhuphukele kwezingenhla bangazwe bakhukhuleke ngoba kuqagulwe lezimvula ezinamandla.