ZISALE zinjena izindlu ezikhahlanyezwe zimvula ezinamandla eMajuba
UMKHANDLU wesiFunda Amajuba usunxenxe izinhlangano ezingenzi nzuzo ukuba zelule isandla kwabakhahlanyezwe zimvula ezinamandla. Kuvelile ukuthi lomkhandlu mhlaka 10 June 2024, ubambisane nenhlangano engenzi nzuza eyifawundeshini i-Al-Imdaad Foundation sebevakashele labo abakhahlanyezwe inkanyamba phecelezi izimvula ebezihambisana nesiphepho ezishiye abantu abaningi dengwane eThekwini , kumkhandlu Amajuba , Umzinyathi , Emadlangeni, kumawadi alandelayo u-3 kanye no-4, eNewcastle kuwadi 6, 11, 12, 13, 17, 18, 30 kanye nakuwadi-10. Kuvelile ukuthi ngelendlule ababhekelele ezezinhlekelele esiFundeni Amajuba bahambele lezindawo ezikhahlamezekile behambisana ne Al-Imdaad, bafike banikezela ngezingubo zokulala , amatende okufihla ikhanda okwesikhashana kanye nezinto zokuzihlanza. Kuphinde kwavela ukuthi uKhansela Mbongeni Hlatshwayo nguyena owabe ekhona ngoba oyimeya wabe ekwenye indawo ngenxa yokuxakwa umsebenzi kodwa ukhansela ukuvezile ukuthi balujabulele usizo olulethwe ilenhlangano ezimele futhi engenzi nzuzo Al-Imdaad, ngosizo abalilethele izisulu. Uqhube wathi esitatimendeni bazoqhubeka ngokuletha izexwayiso zokuthi abantu kumele benze njani uma kuqagulwa izimvula ezihambisana nezikhukhula ukuze baphephe. Uqhube wathi basanxusa bonke laba abazimele ukuba balulethe usizo kwizakhamuzi. Oyinhloko kwezezinhlekelele eMajuba uNkk Maphikisha unenezele emagameni kakhansela Hlatshwayo ukuthi laba bezezinhlekelele kumele bakuqinisekise ukuthi bayasiza ngaso sonke isikhathi ukuze baphephise izimpilo zomphakathi. Uthe laba bezezinhlekelele bahlale besiqaphile isimo futhi bayayivakashela nemizi ekhahlazamekile, wabe esenxusa izakhamuzi ukuthi zithintane noama zixhumane nabezinhlekelele kulenombolo 034 329 7400 noma baxhumane noMnu Sbonelo Cebekhulu kulezinombolo 034 329 7200, ngesikhathi somsebenzi