NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, kuzwelonke uMnu Velenkosini Hlabisa
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa , uzohambela izindawo ezikhahlanyezwe umlilo wequbula ngaphansi kukamasipala Umsunduzi. Kuvelile ukuthi uMnu Hlabisa uzobe ehamba ngaphansi kohlelo lwe- National Disaster Management Centre (NDMC), ebhekelele nokundlulisela izidingo ezididiyelwe , ezibhekelelwe ngumnyango wezezinhlekelele. Kuphinde kwavele ukuthi uNgqongqoshe uzobe ehambisana neSekela ngqongqoshe uDr Dickson Masemola Kanye noMfu Thulasizwe Buthelezi, ongungqongqoshe esiFundazweni i-KwaZulu-Natal. “ Lomlilo wequbula udale umonakalo omkhulu, waphinde wandlula nemiphefumulo yabantu abaningi, kwacekeleka phansi izindlu, amadlelo Kanye nemfuyo yafa,” kusho isitatimende. Siqhube sathi umnyango wezolimo ushayeke kakhulu, ngoba kucekeleke phansi amadlelo, inqalasizinda nemfuyo. Kuphinde kwavela ukuthi ungqongqoshe uzotshelwa ngosekwenziwe kulibe kwenzeke lenhlekelele, Kanye nakulabo abakhahlazamekile. UNgqongqoshe Hlabisa ube esendlulisa amazwi enduduzo kubo bonke labo abalahlekelwe ngamalunga emndeni. Kumenywe abezindaba ukuba babekhona.
Ungqongqoshe uzoqala akhulume nosopolitiki kuqala namuhla
Isikhathi:11h00
Indawo: Umsunduzi Local Municipality – (PROVINCIAL DISASTER MANAGEMENT CENTRE, 66 SHORTTS RETREAT, MKONDENI)
Bese evakashela imindeni elahlekelwe Zihlobo zayo
Usuku: 17 July 2024
Indawo: Umsunduzi Local Municipality