INKAMPANI ephehla ugesi u-Eskom, ithanda ukuxwayisa izakhamuzi ngokuthi kuzoba khona ukuphazamiseka kokusebenza kukagesi okungadala ukuthi uhambe isikhathi eside ngenxa yesimo sezulu esingekho sihle esihambisana nezimvula ezinamandla kanye nesiqhotho, phecelezi iqwa. Kuvelile ukuthi ngoba ziqhubeka lezimvula zingadala ukuphazamiseka kwnqalasizinda okungaholela ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuze ubuyele esimeni uma ucishile. Okhulumela lenkampani ephehla ugesi uJoice Zingoni uthe izindawo ezingakhalamezeka noma ezingahanjelwa uguse kubalwa kuzo i-Newcastle, Empangeni, Pietermaritzburg, Underberg, Dundee, Pongola, Nottinghm Road, Bergville, Escourt , Ulundi, Mooi River, Bulwer, Glencoe, Hluhluwe, Umgeni, Colenso, Mtubatuba, Kokstad, Ladysmith, Stanger kanye neMargate. Uthe kodwa ochwepheshe babo bame ngomumo ukuqapha isimo sokuhamba kukagesi ngenxa yaleliqwa kanye nezimvula ezinamandla. Uthe okunye okungadala ukuthi isimo singasheshi ukulungiseka ukuthi imigwaqo eminingi ivaliwe ngenxa yesimo seszulu esingekho sihle. Uphinde wanxusa izakhamuzi ukuba sisheshe zibike uma kulimala inqalasizinda kagesi noma behanjelwa ugesi ngoba isimo sezulu singekho sihle. Uqhube wathi uma kunalesimo sokulimala kwenqalasizinda noma kuhamba ugesi kumele babikele u-Eskom ngokushesha ngokushayela icustome services channel noma uMyEskom Customer , Alfred the Chatbot kanye ne Eskom Contact Centre (08600 Eskom / 37566). Uthe izakhamuzi kumele ziqinisekise ukuthi ziyayibika inqalasizinda elimele ukuze basheshe bazoyilungisa njengoba izimvula ezihambisana nesiqhotho zikhahlameza inqalasizinda. Ube esekhipha namasu angasiza uma kwenzeka ukuthi inqalasizinda iyakhahlamezeka ukuba bacime zonke izinto zikagesi futhi bamoncule namaplaki, bagweme ukuthintana nogesi uma kunezimvula ezinamandla, bagweme ukuthintana namanzi kanye nokushubha uma kushaya umbani futhi bangasebenzisi amabhavu nosinki uma liduma, bangathinti izinto zikagesi uma lishaya umbani, bakugweme ukuthi abami bemanzi endaweni enogesi noma bawubambe ngezandla ezimanzi, uma izinto zikagesi zithintana namanzi thola umuntu ofundele ugesi ukuba akusize ukuze zilungiswe, gqelelanani nezihlahla eziwile kanye nokuthinta amagatsha awele ngasentanjeni kagesi, ningazami ukuwasusa kugesi kungakahlukaniswa ngoba kuyingozi, kumele kuze kufike umuntu osebenzela u-Eskom anisize, ningalokothi ningene ezindlini ezigcwele amanzi nokuthintana namaplaki nasnoma yini esebenza ngogesi. Ningazami ukubhukusha emifuleni ningazi noma izintambo zikagesi ziwele phakathi, ningaqalisi nizame ukucima ugesi nime endaweni enamnzi,” esho. Uphethe ngokuthi qikelelani ukuthi aniwaphathi amathuluzi kagesi ningaqhelanga amamitha amabili futhi nimanzi, niphinde ningayisebenzisi imishini yokugunda utshani uma lina.