UNGQONGQOSHE WwezokuBusa Ngokubambisana neziNdaba zoMdabu , uMfu Thulasizwe Buthelezi usenxuse izakhamuzi ukuba zihlehlise uhambo lwazo, ngoba imigwaqo eminingi ivaliwe ngenxa yeqhwa elisalithika namanje. Kuvelile ukuthi imigwaqo eminingi ivaliwe ngenxa yesimo sezulu esilibe siqhubekile nokungabi sihle, kusukela izolo ebusuku mhlaka 20 September 2024.Uthe abezezinhlekelele basiqaphile isimo njengoba kuqhubeka ukukhithika kanye nezimvula ezinamandla.” Kuphoqelekile ukuba imigwaqo efana no N3 phakathi kweHarrismith neTugela Toll Plaza, uR617 phakathi kweKokstad ne Underberg ukuba ivalwe. Eminye imigwaqo emkhulu evaliwe uN2 Ingeli kanye no N3 Mooi-River,” esho. Abashayeli abasebenzisa lemigwaqo esibalulwe ngenhla banxusiwe ukuba bazihlehlise izindlela zabo noma uhambo ngoba imigwaqo ivaliwe futhi nesimo sezulu singesihle ngoba lemigwaqo evaliwe ikhahlanyezwe izimvula ezinamandla kanye neqhwa. Uthe kulabo asebevele besemgwaqeni kumele baqikelele ukuthi baphephile, bangahambi ngenjubane eliphezulu ngoba imigwaqo iyashelelela okungadala nezingozi eziningi. Uqhube wathi abezezinhlekelele bazama ngawo onke amandla ukuthi bafinyelele kulezomoto ezimile ngenxa yesimo sezulu ukuze bathole usizo. Uthe abezezinhlekelele bazama ngayo yonke indlela yokuthi bayaxhumana nayo yonke iminyango ukuze basize laba abasemigwaqeni. Ube esekhipha amasu nezindlela zokuphepha uma uvalelekile emgwaqeni. Uthe uma uvalelekile emgwaqeni kumele ungaphumi emotweni, ulindele abazokusiza. Ungaphumi emotweni ngaphandle kokuthi usizo ungahle ulithole endaweni eseduze futhi imoto yakho ibonakala emamitheni awu-100. Zikhombise ukuthi ufuna usizo ngokuveza indwangu emhlophe kwieriyeli yemoto yakho emva kokuba usubona ukuthi iqhwa ngathi liyaphela. Dumisa imoto yakho kancane uphinde uyicime ukuze ugweme ukuthi ungaphelelwa uphethiloli ukuze uhlale ufudumele noma idumise imizuzu ewu-10 bese uyayicisha. Sebenzisa ihitha yakho ngendlela uma ufuna ukufudumala futhi wonge uphethiloli, futhi uqinisekise ukuthi amafasitela emoto yakho uwavula kancane. Khanyisa amalambu emoto yakho ebusuku ukuze uzobonakala ukuthi ukhona ukuze abazokusiza basheshe bakuthole. Hlala ufudumele ngokuthi umbathe izingubo ezifudumele bese uhlala unyakazisa izandla nezinyawo ngaso sonke isikhathi.” Phuza okusaketshezi ukuze ugweme ukuthi ungaphelelwa ngamanzi emzimbeni futhi ungaluphuzi uohuzo oludakayo ngoba lingenza ukuthi kwehle ukushisa komzimba.