UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi , umemezele ukuthi umkhandlu nomkhandlu wamakhosi usuzoba nesabelo mali yazo noma ibhajethi yayo. Lokhu ukusho ngenkathi abenomhlangano Eshowe mhlaka 13 September 2024, ne Executive of the KZN Provincial House of Traditional and Hoi-San Leaders. Uthe esitatimendeni iTraditional Council izoba nebhajethi yayo futhi ufisa ukuqinisekisa ukuthi Amakhosi ayabona ukuthi ayisebenzisa kanjani imali ebhekene nawo. Uqhube wathi sesiphelile isikhathi soukthi umnyango osubalulwe ngenhla ukuthi Amakhosi athathelwe izinqumo ilomnyango. “ Amakhosi angabaholi ngokwabo kanti futhi anelungelo lokuzibambela futhi bazithathele izinqumo ngezinto ezithinta wona uqobo, zobuholi bendabuko,” esho. Uthe umnyango uzothumela abasebenza ngezimali kulemkhandlu yaMakhosi ukuba bayosiza, ukuze baqinisekise ukuthi izimali zaMakhosi zisetshenziswa ngendlela , futhi kubekwe sobala ukuthi zenzeni zenzani. Uphinde wakuveza ukuthi inhlalakahle yaMakhosi nemindeni yawo iyona abayibeka kakhulu phambili. “ Amakhosi kumele abhekelelwe ngezinhlelo zezempilo (medical aid) kanye nezinye izinzuzo ezikhona ezitholwa ngabasebenzi beminyango kahulumeni ngoba nabo basebenza njengabo,” kusho uMfu Buthelezi. Uqhube wathi lokhu kuhloswe ngakho ukuhlonipha Amakhosi kanye nokubuyisa isithunzi sawo emphakathini ayiholayo. Uthe Amakhosi awahlonishwa njengabanye abahola noma abasebenza emahhovisi ingakho ekubona kubalulekile ukuthi kube noshintsho ahlonishwe amakhosi nawo athole izinzuzo ezifanayo nawezisebenzi zikahulumeni. Uphinde wakuveza ukuthi uzogixabeza wonke Amakhosi ngamatende azomumatha abantu abawu-200, izitulo eziwu-100 kanye nesiqandisi (cold room), esingumahamba nendlwana. Uthe lokhu kuhloswe ngakho ukulekelela Amakhosi kanye nemindeni yawo. Uqhube wathi bona bengumnyango bakholelwa ekuthuthukisweni kwamakhosi aphinde alekelelwe ngezinsiza, ukuze ahole kahle imiphakathi , ukuze kuvezeke imibono yawo. Uphethe ngokuthi bazibophezele ukuthi Amakhosi ayathuthukiswa ngazo zonke izindlela futhi ayacijwa ngobuchepheshe besimanje manje.