KUNGENKATHI bekucijwa intsha futhi ithuthukiswa ngamakhono.
LUYAQHUBEKA uhlelo lokuqeqesha intsha kanye nokuyithuthukisa ngamakhona ahlukahlukene eWadi-32, eMadadeni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. UKhansela V.N Sibeko uthe basemkhankasweni nezinhlelo zokuthuthukisa intsha ngamakhono ahlukene kulewadi esibalulwe ngenhla. Uthe kuyinselelo enkulu kubona ukubona intsha eningi iswele amathuba emisebenzi futhi ingaqashiwe. “ Ngifisa ukuletha izinhlelo eziningi ukuze kulwisanwe nokungaqashwa kwentsha , kanti lezinhlelo zizoyisiza ukuba ixoshe ikati eziko,”esho. Uthe njengoba sekusondele ukuba kugujwe inyanga yentsha ezoqala ekuqaleni kwenyanga kaJune , bazimisele bembambisane nenhlangano i-Sakha Amathuba Omsebenzi, ukuba baqalise ngokucija intsha ngamakhono ahlukene baphinde bayithuthukise ngawo ukuba ibe ngosomabhinisi abancane, ukuze izivulele amabhizinisi athi yona, ngamakhono abazobe becijwe ngawo. Uphethe ngokuthi kumanje babhizi baqeqesha noma bacija intsha kumakhona e-Detergent and Cosmetics, kanti namakilasi abo asahamba kahle kakhulu. ‘ Phambili ngokuthuthukiswa kwentsha Phambili’