UMANDLELISA Mabhale oneminyaka engamashumi amahlanu nesishiyagalombili (58), ugwetshwe odilikajele abayishumi neminyaka engamashumi ayisikhombisa (70), emva kokuba elahlwe ngamacala ayishumi okudlwengula izingane ezincane , ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokusabalalisa izithombe zocansi zezingane ezincane (child pornography).
UMabhale ugwetshwe iNkantolo yesiFunda saseNquthu (Regional),ngoLwesithathu (izolo), emva kokulahlwa yiwo onke lamacala abethweswe wona.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe esitatimendeni, uMabhale ugwetshwe odilikajele abayishume neminyaka engu-70 , ebhadla ejele emva kokuba elahlwe ngamacala ayishumi okudlwengula , awokuhlukumeza ngokocansi kanye nelokubukisa izingane zamantombazanyana amancane izithombe zocansi.
Uthe esitatimendeni, mhlaka 22 Septhemba 2022, umbheki wezingane ezine , wezwa kukhulunywa ngomfundisi thizeni, obekusolwa ukuthi unukubeza izingane ngokocansi, wabe eseba nelukuluku lokumbona lomfundisi njengoba lezi zingane ayezibheka zazichitha isikhathi esiningi zivakashela yena lo mfundisi.
“ Lezi zingane bezivamise ukumsiza lo mfundisi uma ezenzela umsebenzi wokulungisa izimpahla ezisebenza ngogesi,” kusho uNgcobo , esitatimendeni.
Uqhube wathi ngenkathi izingane zibuyela lapho azigadela khona umbheki wazo, wabe esezibuza ukuthi akukho yini uMabhale azenze kona kodwa zangaphumela obala.
Uthe esitatimendeni, emva kwesikhathi izingane zavuleleka kumama wazo zasho ukuthi uMabhale ubezinukubeza ngokocansi, icala labe selivulwa ngokushesha emaphoyiseni.
“Uphenyo olunzulu lwamaphoyisa lwaveza ukuthi uMabhale ubesenukubeze izingane ezilishumi ngokocansi,” kusho uNgcobo, eqhuba ethi, uMabhale ubenokubahungela endaweni yase Ndidini lapho abeqashe khona bese ebabukisa izithombe zocansi bese eyabanukubeza.
.Uqhube wathi esitatimendeni , uMabhale waboshwa mhlaka 22 Septhemba 2022, ecashe endaweni yakwa Luvisi,eNquthu, wabe eseboshwa khona lapho eboshelwa amacala okudlwengula kanye nokubukisa izingane ezincane izithombe zocansi.
“UMabhale wabe esevela eNkantolo kaMantshi wase Nquthu ebhekene nawo la macala futhi wazama izikhawu eziningi zokufaka isicelo sebheyili kodwa kwangahamba kahle,” kusho yena, eqhuba ethi kuze kwafika isikhathi sokuthi agwetshwe engakaze aphume ngebheyili.
Uphethe ngokuthi kubongwa kakhulu umphenyi wecala okuqinisekisile ukuthi uletha ubufakazi obuholele ekutheni agwetshwe uMabhale.