OKWAKUBIKWE ukuthi udukile utholakale ephila. USenamile Mbeje , wase Newlands East kwabikwa ukuthi wabe edukile mhlaka 1 June 2023 , utholakale ephila ngoMgqibelo esisuka kuwo. Umndeni kaSenamile Mbeje , ubonge kakhulu emphakathini, abezindaba kanye nawowonke umuntu obewufunisa ilunga lomndeni walo elitholakale liphila. Okhulumela umndeni uLindokuhle Vilakazi, uhlulekile ukubamba izinyembezi zenjabulo ebona ilunga lomndeni walo lizibuyela ekhaya linganamyocu futhi lingakhombisi nakuthuka. Uthe sibonga bonge abebeme nathi ngesikhathi sobunzima singazi noma usaphila noma sewashona ngoba akujwayelekile ukuthi umuntu wesifazane anyamalale abuye ephila ngoba lukhulu udlame olubhekiswe kubo , ngoba kuhlale kubikwa njalo ukuthi badlwenguliwe noma babuliwe. Uphethe ngokuthi babonga kakhulu kuwo wonke umuntu obenabo bethungatha uSenamile.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...