INGENKATHI kukhulekelwa abafundi bakamatikuletsheni, e-Siyamukela High School. Izithombe. Zithunyelwe
SIKHUPHULA Izinga Lemfundo! Lesi isiqubulo esishiwo ngumeya woMkhandlu Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu, ngenkathi bekunokhukhulela ngoqo womkhuleko, wokufisela abafundi bakamatikuletsheni impumelelo ngoba bezobhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka mhlaka 30 October 2023. Abafundi ababalelwa ku-500, abaqhamuko ezikoleni zamabanga aphakeme ezahlukene bebethamelo wona lomkhuleko, obuzobakhuthaza futhi uphinde ubafisele impumelelo ezifundweni zabo. Lokhukhulela ngoqo womkhuleko ububanjelwe esikoleni i- Siyamukela Secondary School, e-Madadeni, eNyakatho, neKwaZulu-Natal, mhlaka 19 October 2023 Lomkhuleko ubuhanjelwe abezinkonzo ezahlukahlukene Kanye noMnyango weZemfundo, ngaphansi kwesiqubulo esithi sikhuphula izinga lemfundo eMajuba .
Ngokusho kokhulumela uMkhandlu Amajuba, uNondumiso Mhlungi izikhulumi ebezikhona bezizokhuthaza, zifisela , zithandazele abafundi ukuthi benze ncono ezifundweni zabo zokuphela konyaka.Ngonyaka u-2022, lesiFunda Amajuba sathola amaphesenti angu-85% , kanti futhi saba ngesithathu kwezenze kahle esiFundazweni i-KwaZulu-Natal. Kuphinde kwavela ukuthi inhloso enkulu yalomkhuleko ukwazisa abafundi ukuthi uMkhandlu uyabasiza abenza kahle ubalekelele uma sebeyofunda emabangeni aphezulu.