SINGABANTU nathi futhi siphila emphakathini. Lawa ngamazwi ashiwo ngu-WO Sipho Mlungisi Zondi ngenkathi bekugujwa usuku lokuzalwa kwalona owaba inqalabuthu waphinda waba nguMengameli wokuqala wokubusa ngentando yeningi uDkt Nelson Rholihlahla Mandela. Lokhu ukusho ngenkathi bebehambele izaguga endaweni yase Fairview Farm Osizweni , eNyakatho neKwaZulu-Natal. Uthe singabantu nathi sizalwa ngabazali okwethi akusikona ukubopha kuphela kodwa siyasiza nasemphakathi ngaphansi kohlelo lweSocial Crime Prevention. Uthe u-67 minutes bawenze khona kulendawo esibalulwe ngenhla. “ Ngenkathi sihambele izaguga sihlanze nemizi yazo. “ Siphinde salungisa neminyango ebengasasekho esimweni esihle, futhi sifisa ngathi lolu suku lingahlale ligujwa njalo,” esho. Induna yendawo uMnu Dladla ubonge kakhulu , ebongela umndeni wakwaMtshali nawo obuhanjelwe ngalolusuku olukhulu. USihlalo weCommunity Policing Forum uNksz Ziningi Kunene unxuse umphakathi ukuba usebenzisane nawo kulwisane nobugebengu obubhidlangile emphakathini. Uthe izigebengu zihlala emphakathini futhi zaziwa yiwo umphakathi. UWO Zondi uthe amaphoyisa awasizona izitha zomphakathi kodwa kumele kubanjiswane kulwisana nobugebengu.Obekhulumela iLife Line Personnel uNksz Bongiwe Mdluli unxuse umphakathi ukuba uzibike izenzo zobugebengu. Uqhube wathi izigameko lapho kunempi yomndeni kumele nazo zibikwe ngokushesha futhi umndeni ungazifihli ngoba zigcina zindlula nemiphefumulo wabantu. Uthe izisulu zobugebengu nazo zigcina zikhula nenzondo kanye nokugcina zihlumeza nazo ngoba zisuke zibone emakhaya ngazathi iyona indlela yokuphila. Ongumnxumanisi kumnyango wezokuPhepha kanye nokuVikeleka komphakathi uNksz Ntsibande naye uqgugquzele ukuphepha komphakathi.