UBUBHOKLOLO budlangile ezikoleni! Lokhu kuchazwa isiganek sakamuva nje lapho, umundi , wase eMpephose High School , esifundeni i-King Cetshwayo, ka-grade 11, eveze ezinkundleni zokuxhumana, iTik-Tok, ekhombisa ukuthi ibhoklolo lomuntu wesilisa, ongumfundi naye, Â limhlukumeza kanjani. Kulevidiyo eveza lokuhlukunyezwa, uthi lomfundi ushaywa kabili ngeviki eshaywa ngomunye umfundi abafunda ikilasi elilodwa naye. Oyinhloko yoMnyango weZemfundo uveze ukuthi bengumnyango sebehambe baze bafinyelela kumgilwa , base bemnikeza ukululekwa ngokomqondo. Uthe babe sebemziza behlangene nomndeni ukub a avulelwe icala lomfundi onesihluku esingaka. Ungqongqoshe weZemfundo esiFundazweni, uNksz Mbali Frazer unxuse umphakathi, ukuba banike umnyango, abezomthetho kanye nazo zonke izinhlaka ezithuntekayo ukuba wenze umsebenzi wawo, ikakhulukazi amalunga omgilwa. Uthe uphenyo luyaqhubeka. Uthe loludaba lubucayi kakhulu, ngoba kumanje kunesihlava sokuhlukunyezwa kwabesimame kanye nezingane okusezingeni eliphezulu. Uphethe ngokuthi ububhoklolo abamukelekile emyangweni..
Uhulumeni ubhizi uyakhuculula umonakalo odalwe zimvula KwaZulu-Natal
NGUNGQONGQSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni umnyango wakhe ubhizi ngokukhuculula esiFundazweni...