Kwesobunxele ngoyibamba Meya yaseMajuba, uMnuz Thembelihle Mthembu neMeya yaseNewcastle, uMnuz Xolani Dube. Kwezinye ngabebevakashele lesitimela kanye nezisebenzi zomasipala. Izithombe. ZITHUNYELWE.
UBUHOLI basesifundeni saseMajuba kube yibo obebuhamba phambili ngenkathi buhambele isitimela sezempilo esaziwa kakhulu ngePhelophepha.
NgoLwesibili lolu esisuka kulo, ubuholi obuphezulu bakulesi sifundo bubonakale buhambele kulesi sitimela ngenhloso yokuyofuna usizo lwezempilo.
Lobu buholi bubonakale buhola phambili ngesikhathi abaholi bebonakala besebenzisa izinsiza ezitholakala esitimeleni iPhelophepha esizinze eNewcastle kusukela ngesonto eledlule, kanti sihambela onke amadolobha.
Oyibamba leMeya yoMasipala wesiFunda saseMajuba, uMnuz Thembelihle Mthembu, ubehambisana neMeya yoMasipala waseNewcastle, uMnuz Xolani Dube, amakhansela, uSihlalo we-Municipal Public Accounts Committee (MPAC) uMnuz Sipho Kunene, ibamba lemenenja yaseMajuba, uMnuz Thulani Dube, abasebenzi boMasipala waseNewcastle nowaseMajuba, ngenkathi bevakashele iPhelopheha Healthcare esizinze esiteshini sesitimela eNewcastle futhi okulindeleke ukuba sihambe ngoLwesihlanu.
UMnuz Loyiso Gqola, ohola ithimba lodokotela kulo nyaka uthe:”Kungithokozisile kakhulu ukubona abahlonishwa bezobheka ukusebenza kwesitimela, njengoba ngiqale ngokubachazela kabanzi ngendlela isitimela esisebenza ngayo nezinsizakalo ezitholakala kusona,” kusho uMnuz Gqola, ophinde wadlulisa ukubonga kwimeya yaseMajuba ngokuqiniseka zonke izinto ezidingekayo zokusingatha isitimela zenziwa kusenesikhathi.
UMthembu uphinde wathola ithuba lokutusa ababambe iqhaza ekuletheni izinsiza ezifana na lezi ezihlinzekwa yisitimela sokunakekelwa kwezimpilo, esihlomulisa kakhulu abantu abasuka ezindaweni ezisilele emuva ngosizo lwezempilo, okuyizindawo zasemakhaya nezasemapulazini.
“Sithanda ukugcizelela ukuthi abantu baphume ngobuningi babo bayothola usizo, ngoba usizo abaluthola lapha lumahhala ngeke bakhokhe njengenjwayelo kwezinye izikhungo,” kusho uMthembu.
Uphethe ngokuthi yena nozakwabo, uDube woMasipala waseNewcastle, izisebenzi zomasipala namakhansela, balisebenzisile leli thuba ngokuthatha igazi, bahlola ushukela, isifo somdlavuza nezinye izifo. Usuku lokugcina lokubakhona kwePhelophepha, eNewcastle, nguLwesihlanu lolu lwakusasa.

