UGWETSHWE udilikajele owadlwengula intombazanyana eneminyaka ewu-11. UThembinkosi Khumalo oneminyaka ewu-29 ugwetshwe udilikajele iNkantolo yesiFunda iGreytown emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka ewu-11, endaweni yase Lindelani eGreytown. Kuvelile enkantolo ukuthi icala lavulwa ndoDecember 2022, emva kokuba uKhumalo asolwa ngokuthi wabiza lesisulu , esibizela endlini yakhe lapho asicela khona ukuba simphekele. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi isizulu sibhizi simphekela , wabe esesibamba ngendluzula wasidlwengula ephindelela. “Isisulu sabe sesibikela abazali ngokwabe kwenzekile,wabe eseboshwa umsolwa. Icala labe selundliliselwa Greytown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Investigation , labe seliphenywa ngu Sgt Richard Gilden waloluphiko , owaqinisekisa ukuthi uyaboshwa loKhumalo kanti nobufakazi bamhlanganisa nalo leli cala. UKhumalo ube esegwetshwa udilikajele kanti negama lakhe selifakwe emabhukwini abadlwenguli (Sexual offenders register), kanti futhi baphinde bamtshela nokuthi akasakulungele ukuphatha isibhamu ngoba elahlwe ileli cala laloluhlobo. UKhomishana wamaphoyisa esiFunda Umzinyathi uMaj-Gen Francis Slambert , usamukelile lesigwebo wathi sothumela umlayezo kulabo abasifisa ukugila lomkhuba ukuthi bazosuswa unomphela. Uphinde wancoma uSgt Gilden ngomsebenzi omuhle wokuqoqa bonke ubufakazi obuholele ekutheni lesigilamkhuba sigwetshe udilikajele.