UMZOMUHLE Zondi oneminyaka engamashumi amane nanye kanye noKhumbulani Zondi oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye ,bagwetshwe udilikajele umuntu ngamunye kanye neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili emva kokuba belahlwe icala lokubulala, elokubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Kuvelile ukuthi laba ababili babulala uthishiNhloko, bambamba inkunzi kuhlonyiwe baphinde batholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, uMzomuhle noKhumbulani bagwetshwe udilikajele umuntu ngamunye kanye neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili emva kokuba belahlwe ngamacala okubalwa kulo elokubulala, ububamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
UNkwanyana uthe esitatimendeni, lesi gameko senzeka ngo Okthoba 2020 endaweni yaKwaDolo, eGreytowm.
Uthe esitatimendeni, iqulu lezigilamkhuba lagasela esikoleni lafike ladubula uthishaNhloko lase lishaya utshani.
“ Babe sebeduna imoto bekhombe umshayeli wayo ngesibhamu e-Ngome, babaleka ngayo,” esho.
Uthe esitatimendeni, ithimba lamaphoyisa aseGreytown ehambisana nePietermaritzburg POP kanye nenkampani yonogada beholwa umphenyi wamacala uThembeka Mgobhozi wethimba labaphenyi baseGreytown bakhona ukusheshe bathole imoto eyabe iduniwe, kwase sekuboshwa abasolwa ababili ngalo lolo suku, abatholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
“Laba ababili benqatshelwa ibheyili kwaze kwafika isikhathi sokuba bayagwetshwa,” kusho uColonel Nkwanyana.
Uthe esitatimendeni, laba balahlwe yiwo onke amacala base beyagwetshwa ngoLwesine olwendlule 3 Julayi 2025.
Isitatimende esithunyelwe nguNkwanyana sithi:” UKhomishana wesiFunda uMajor-General Francis Slambert ubonge kakhulu umphenyi wamaphoyisa ngokuqinisekisa ukuthi uletha bonke ubufakazi obuholele ekutheni laba ababili bagwetshwe kanzima.”