UGWETSHWE udilikajele uthisha owadlwengula abafindi ababili babafana. UPatrick Bheli Nkosi oneminyaka ewu-60 ugwetshwe iNkantolo yesiFunda yasevryheid, emva kokulahlwa ngamacala okudlwengula abafana ababili. Kuvelile ukuthi lothisha wadlwengula labafana ababili abancane mhlaka 11 July 2019 kanti omunye wabe eneminyaka ewu-4 omunye ewu-5. Kuvelile enkantolo ukuthi labafana babe bethunywe esitolo ngenkathi lothisha ebabizela endlini yakhe wafika wabadlwengula wabe esebanikeza imali ewu-R , wabadonsa ngendlebe ukuthi bangatsheli muntu ngokwabe ekwenze kubo. “ Omunye wabagilwa watshela umama wakhe ukuthi udlwenguliwe , okwathi uma embuza ukuthi kwenzakaleni, wachaza ukuthui babizwe ilesigilamkhuba esinguthisha esikoleni abafunda kuso izisulu.” Kuphinde kwavela ukuthi umzali womfana wabe esevula icala , wabe eseboshwa lothisha ulibe agcinwa ezitokisini mhla eboshwa wenqatshelwa ibheyili njengoba eseboshiwe manje. Amaphoyisa athe lona wasebenzisa ukuthi izingane ziyamazi futhi ziyamhlonipha wabe esezidlwengula.
Uhulumeni ubhizi uyakhuculula umonakalo odalwe zimvula KwaZulu-Natal
NGUNGQONGQSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni umnyango wakhe ubhizi ngokukhuculula esiFundazweni...