UMZINYATHI ungenye yezindawo abavakashi abangakuthokozela ukuvakasha kuzo ngenxa yomlando onothile futhi bathole nokuningi abangakufunda la kwelakithi eMzinyathi.
Bheka nje:
1. UMasipala wesifunda uMzinyathi oqanjwe ngomfula uMzinyathi ochithela oThukela bese ungena olwandle.
2. Impi yaseSandlwana eyenzeka eNquthu ngo-1879 uZulu enqoba amaNgisi kakumele ungayazi njengoba umuzi nomuzi unokhokho wayo okuleyantaba. Le ntaba yaseSandlwana siyibiza ngeNtaba engcwele yokukhululeka njengoba amadlinzwa okhokho bethu ekuyo.
3. IQhawe ubabuSolomon Linda wodumo lengomo ethi iMbube uzalwa khona la kithi ePomeroy, eMzinyathi.
4. INkosi Bhambatha kaManciza waseNgome, ongowalapha kithi eMzinyathi
5. Sine-Lilani Hot Spring eyaziwa ngokuthi iKaShushu eShane, eMvoti lapho kunamanzi ebilayo aqhamuka phansi komhlaba.
6. Phansi eNquthu khona eMzinyathi kunoNcome Museum enezindawo ezinhle zokulala nomlando omuhle ongawufunda uma uvakashela kulendawo
7. Ubaba Sosobala Mbatha owaba ngumuntu wokuqala omnyama ukuba abe nendiza mshini uzalwa khona la kwelakithi eMzinyathi.
8. INdlu yeSonto i-Oscarsberg Evangelical Lutheran Mission eyakhiwa ngo1879 namanje isamile sikhonzela kuyo eMzinyathi.
9. IDundee July iwumjaho omkhulu ukulandela iDurban July iheha abavakashi abaningi lapha eMzinyathi kugcwale izindawo zokulala kuthuthuke nomnotho ngabe wenza iphutha uma ungakaze ube yingxenye yayo.
10. Umzinyathi uyikhaya leBoxing njengoba umphetha wama-Common Wealth Games ngo 2022 uNks Phiwokuhle Mnguni ungowalapha kithi eMzinyathi. 11. Inqwele emculweni kaMasikandi iNdidane, NeBhova neChalaha ngabalapha eMzinyathiImeya yesiFunda uMzinyathi Ald PMS Ngubane uthi uma ufuna ukuchitha isithukuthezi uMzinyathi indawo ongaya kuyo.Abantu bayobe bekhohlwe lukhulu uma bezitshela ukuthi izindawo zasemadolobheni kuphela ongavakashela kuzo. Ubumnandi busezindaweni zasemakhaya futhi ke uMzinyathi kawugcina ngokuba nobumnandi futhi ufundisa ngomlando.”Abantu abathi Short -left eMzinyathi bezwe ub