UMLISA elingeke lidalulwe igama lakhe oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye ugwetshwe udilikajele emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili eTownland, eGreytown ngoMashi 2025.
Lo mlisa ugwetshwe iNkantolo yesiFunda yase Greytown emva kokuba aluvuma icala lokudlwengula indodokazi mhlaka 13 Juni 2025.
Kuvelile enkantolo ukuthi lo mlisa wafika lapho kuhlala indodakazi yakhe noninalume wafike wayiphoqa ukuthi iyolala naye ekameleni lakhe.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, umliisa oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye ugwetshwe udilikajele inkantolo yesiFunda iGreytown, emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili.
Uthe esitatimendeni , lo mlisa wafika ekhaya kubo lapho indodakazi yakhe ihlala khona noninalume , wafike wayiphoqa ukuthi iyolala ekameleni naye, wafike wayidlwengula.
“Ngakusasa uninalume wabona ingane ukuthi ayihambi ngendlela ejwayelekile, okuthe uma eyibuza ukuthi kwensenjani ingane yakuveza ukuthi yabe idlwengulwe ngubaba wayo,” esho, eqhuba ethi kwabe sekuvulwa icala waboshwa lo mlisa.
Uthe esitatimendeni, icala labe seliphenywa ngu Sergeant Richard Gildeni woPhiko olubhekelene namacala athinta udlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane.
UKhomishana wamaphoyisa esiFunda uMzinyathi uMajor-General Francis Slambert uthe esitatimendeni esithunyelwe ngu Constable Nkwanyana, amaphoyisa esifunda ayakuqinisekisa ukuthi ziyavikelwa izakhamizi.
Uphethe ngokuthi lesigwebo simfanele lo mlisa ongenanembeza ukuba asuswe emphakathini unomphela.