NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni, uMnyango usuqashe othisha abangu-1530 esigabeni sokuqala noma abaqala nqa ukuma phambi kwezingane (Post Level 1), abazofundisa izifundo ezibucayi (critical).
Kubikwa ukuthi lezi zikhala zamathishela esezivaliwe zadaleka ngenkathi kukhona abathatha umhlalaphansi, abashona, abasulayo emsebenzini kanye nabakhushulelwa ezikhundleni eziphezulu.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni , lezi zikhala zadaleka ngenkathi kukhona amathishela athatha umhlala phansi, ukushona, ukukhushulelwa ezikhundleni kanye nabasula emsebenzini.
“ Singumnyango sikwazile ukugcwalisa izikhala zala mathishela azofundisa izifundo ezibucayi okubalwa kuzo i-Mathematics, Mathematics Literacy, Life Sciences, Technical kanye nezinye,” kusho uHlomuka.
Uthe esitatimendeni , sizizwa sijabule kakhulu ngoba sikwazile ukuvala lezi zikhala, kusukela ngo Januwari 2025, kwaze kwashaya lenyanga ephezulu u-Ephreli.
Uthe esitatimendeni, lokhu sikwenze ngenhloso yokuzama ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuqhubeka ngendlela futhi alikho igumbi lokufundela elizohlala lingenaye uthisha ngenxa yokwentuleka kwabo noma kwezikhala ezavuleka.
“ Sithanda ukukuveza ukuthi izikhala ezingu-737 , ezazikhangiswe ndoSepthemba 2024, sezigcwalisiwe , lokhu kwenzeke ngasekupheleni kuka Mashi,” kusho yena , eqhuba ethi, lokhu kukhombisa ukuzibophezela komnyango kanye nokugqugquzela ukuthi isiko lokufunda nokufundiswa kuqhubeka ngaphandle kwezinqinamba nezihibe.
Uthe esitatimendeni, lokhu kukhombisa ukuqinisekisa ukuthi isibalo sikathisha nabafundi egumbini lokufundela kuyahlangabezwana nakho (teacher-learner ratio).
“ Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi umnyango uyakuqinisekisa ukuthi isiko lokufunda nokufundisa libekwa phambili,” esho, esitatimendeni, eqhuba ethi kumele abafundi bathole imfundo encono nesezingeni eliphezulu.
Uthe esitatimendeni, siyethemba ukuthi lesinyathelo esithathiwe sizobuyisa ithemba kanye nenqubekela phambili kwezemfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uphinde wabonga izinhlaka ezizimele, izinyunyana kanye nomphakathi ekubambisaneni ukuze kufezeke leli phupho lokugcwaliswa kwezikhala.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal , uyaqhubeka nokuzinikela kanye nokuzibophezela ekutheni kuphuculwa izinga lezemfundo kanye nokulethwa kwemfundo engcono ezinganeni.