NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, izikhulu zomnyango izakhamizi kanye namathishela. Izithombe.ZITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uvakashele izikole ezintathu ezingaphansi kwesiFunda uMzinyathi ngoMsombuluko (izolo) ,ehambisana nezikhulu eziphezulu zomnyango kanye neNhloko yomnyango uMnuz Nkosinathi Ngcobo ngenhloso yokuyobheka ukuthi ukufunda nokufundisa kuqhubeka ngendlela yini.
Kuvelile ukuthi inhloso yokuvakasha bekungukuhambela lezi zikole ezintathu okukhona kuzo esamabanga aPhakeme esisodwa nezimbili zamabanga aPhansi ukuze kubhekwe ukuthi zisebenza ngendlela yini.
“ Lezi zikole ezintathu zisabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho bekuboniswa khona izimo zokuphepha nokuvikeleka ezidinga ukubhekwa kabanzi ukuthi ziyenzeka ikakhulukazi esikoleni i-Mowbray Primary , lapho kubonakala khona abafundi abancane beya esikoleni,” kusho uMnuz Hlomuka esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , siqale saba nomhlangano neNkosi yakwa Ngubane , umasipala wesiFunda uMzinyathi sabe sesiyohlangana nezakhamizi , siyoxoxa ngezinqinamba ezibhekene nalezikole ngezokuphepha,” kusho yena esitatimendeni.
Uphinde wabonga abazali ngokukhetha ukuthi abantwana babo bayofunda eMowbray kunokuyofunda eNadi Primary.
Uthe esitatimendeni, lokhu kudalwa izizathu zezenkolo ukuba bakhethe lesi sikole.
“ Zonke lezi zikole zikhiqiza imiphumela emihle kakhulu,” esho esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, kumele kuqinisekiswe ukuthi ukuphepha kwezingane ikona okubekwa eqhulwini.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ngizohlela umhlangano nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo umasipala, ezokuThutha bese ngibuya emphakathini nezimpendulo.
