ZIBHAMU ezitholakale emva kokuba abasolwa besale enkundleni.Isithombe.SITHUNYELWE
KUSALE enkundleni abasolwa abathathu emva kokudubulana namaphoyisa eMbabane , eMsinga ngoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa oPhiko lwe Public Order Police (POP), asePietermaritzburg , alunywe indlebe ngokuthi kunezibhamu ezikubasolwa eMsinga.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni amaphoyisa adubule abulala abasolwa abathathu emva kokuba beqale badubula bebhekise emaphoyiseni nawo aphendula ngenganono bashona.
“ Amaphoyisa alunywe indlebe ngabasolwa abathathu abebesolwa ngokuthi bahlome ngezibhamu ezingekho emthethweni okuthe uma egasela eMsinga, uma efika kulendawo obekukhonjwe ukuthi bakhona , laba basolwa babe sebedubula bebhekise emaphoyiseni nawo aphendula ngenganono , babe sebesala enkundleni,” kusho uConstable Nkwanyana, eqhuba ethi , kutholakale izibhamu ezintathu ezimbili zohlobo lwe AK47 kanye ne .38 revolver.
Uthe esitatimendeni kwesinye isigameko esingafuzile lesi esenzeke ngoLwesine amaphoyisa eK9 ase Glencoe , abophe abasolwa abahlanu emva kokuba ebathole nesibhamu esingekho emthethweni emgwaqeni u-R33 , sohlobo lwe Rugar rifle kanye nezinhlamvu.
Uqhube wathi esitatimendeni , omunye wabasolwa uyambandakanyeka ecaleni lokubulala alenza endaweni yakwaNqulu, eNquthu ngo Okthoba 2023.
Uphethe ngokuthi bonke laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi waseMsinga maduzane bebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.