IGOLIDE nemishini okutholakale kuboshwa ozama zama Izithombe: ZITHUNYELWE
BAVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo abalisa abasolwa ngokuba abavukuzi basemayini abangekho emthethweni, abaziwa ngamaZama Zama, kulandela ukuboshwa kwabo eNtumbane, oPhongolo, ngoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi abavukuzi abane baboshwe ngamaphoyisa ngoLwesine ngenkathi eqhuba umkhankaso owaziwa ngokuthi i-Operation Vala Umgodi okuhloswe ngawo ukukhuculula abavukuzi abangekho emthethweni.
Ekuboshweni kwabo laba balisa, kushaqwe igolide elingabiza u-R3 million, kanye nezinto zokulungisa igolide, neziqhumane nodalimede bokuhlakaza izimbiza.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, Colonel Robert Netshiunda, uthe: “Kuboshwe abalisa abane abaneminyaka ephakathi kuka-27 nengu-40 ubudala, emva kokuba betholakale emayini iNtumbane, bematasa bemba igolide, batholakala nanezinto zokumba zokulungisa igolide.
Ngenkathi beboshwa bebephethe izinto zokusebenza emayini nezokulungisa igolide.
Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi ngabe lezi zinto zokusebenza emgodini bazithathaphi nokuthi ngabe leli igolide balithengisa kuphi,” kusho uColonel Netshiunda.
Laba basolwa bazophinde bavele enkantolo maduzane bebhekene namacala okumba emgodini ngokungekho emthethweni.