LISHAQWE ngozakwabo lingalindele iphoyisa elineminyaka ewu-39, elibanjwe oqotsheni nemfuyo eyebiwe eMgungundlovu. Leli phoyisa elinguSgt libanjwe nezimbuzi eziwu-40, yizinkomo eziyisikhombisa, yizibhamu eziyisithupha nezinhlamvu konke okungekho emthethweni. Umsolwa uboshwe nabesilisa ababili abaneminyake ephakathi kuka-22 no 55, okuvele ukuthi bangabelusi bemfuyo. Bobathathu laba baboshwe ngelendlule endaweni yaseNew Hanover. Ukuboshwa kwabo kwenzeke ngesikhathi uphiko lwamaphoyisa aphenya amacala athinta imfuyo, Tctical Response Team (TRT), luqhuba umkhankaso eTrstfeed khona eNew Hanover. Ingxenye yale mfuyo etholakele kuboshwa abasolwa kwabikwa ngokuntshontshwa kwayo esiteshini samaphoyisa eMooi River ngoDecember ngonyaka ondlule. Ukhomishana wamaphoyisa KwaZu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, usishayele ihlombe isenzo samaphoyisa abophe uzakwabo ngoba eyanyaniswa nezenzo zobugebengu. “ Uma kunephoyisa elithintekayo ezenzweni zobugebengu kasikhulumi okuningi nalo ngaphandle kokuba libhekane nekomidi lokuqondisa ubugwegwe. Sibhekene nempi yokwanda kwezigameko zobugebengu okufanele sisebenze ngokubambisana ukuze siyinqobe, ephetha,