UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi, usekhiphe isexwayiso exwayisa izakhamizi , ngamaqola asebenzisa isithombe sakhe enkundleni yokuxhumana uFacebook ngenhloso yokubaqola.
Ukuvezile esitatimendeni ukuthi , la maqola asebenzisa isithombe sakhe kuFacebook ngenhloso yokubaqola.
“ Ngithanda ukucacisela izakhamizi ukuthi anginayo i-akhawunti kwaFacebook,” kusho uMfu Buthelezi, eqhuba ethi amaqola asebenzisa isithombe sami ngenhloso yokuniqola.
Uphethe ngokuthi qaphelani amaqola asebenzisa izithombe zezikhulu zikahulumeni kanye nosaziwayo ngenhloso yokuqola abantu.