NGQUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE.
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi ,kuzoklonyeliswa oMasipala abenze kahle emikhakheni eyahlukene KwaZulu-Natal, Ngolwesibili (namuhla), ntambama, e-Greyville Convention Centre, ngehora lesihlanu (5 ntambama).
Kubikwa ukuthi lokhu kuklonyeliswa kuhloswe ngakho ukubungaza kanye nokuhalalisela oMasipala abenze kahle esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uthe esitatimendeni, lokuklonyeliswa kuzobe kuhlukene imikhakha eminingi okubalwa kuyo omasipala abaholwa kahle (good governance), abathole imibiko engenagcobho (audit outcomes), abenza kahle ohlelweni oludidiyelwe lwezentuthuko (Intergrated Development Plan) kanye noamasipala abahlanzeke kunabo bonke (cleanest town).
Uphethe ngokuthi ngalokhu kuhloswe ngakhoi ukugqugquzela omasipala ukuthi bahambise izidingo zabantu ngokwezinga eliphezulu futhi bakuqikelele ukuthi nezimali ziyatshalwa.
Kube sekumenywa nabezindaba ukuba babe yingxenye yalokuklonyeliswa.