NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka. Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka usigxekile isigameko sobubhoklolo esisabalale ezinkundleni zokuxhumana kubonakala umfundi wesifazane eshaya omunye wesifazane , esikoleni samabanga aPhakeme iNqabakazulu esikwaMashu.
Kubikwe ukuthi levidiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana ibikhombisa omunye umfundi eshaya omunye ezindlini zangasese khona esikoleni iNqabakazulu.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni lesi senzo somfundi obonakele eshaya nomunye ezinkundleni zokuxhumana asivumelekile.
“Ububhoklolo ezikoleni abuvumelekile ngempela , ngoba izisulu zigcina sezingenzi kahle ezifundweni zazo ngenxa yamabhoklolo, basuke sebesaba nokuya ezikoleni,” kusho uMnuz Hlomuka esitatimendeni.
Uqhube wathi izenzo zobubhoklolo azamukelekile emnyangweni wezemfundo futhi sifisa ukukuqinisekisa ukuthi izikole ziba indawo yokuthula futhi ukufunda nokufundisa kuqhubeka ngaphandle kwezihibe.
Uphethe ngokunxusa abafundi ukuba bazibike izigameko zobubhoklolo ezikoleni ukuze amabhoklolo ezojeziswa.