ABASOLWA ababoshelwe ukubamba inkunzi esitolo eGreytown
KUBOSHWE abasolwa ababili abanemonyaka ewu-27 newu-31 emva kokuba , bebambe inkizinzi istolo eGreytown. Kuvelile ukuthi ngezikhathi zokuvala esitolo ngezintuba zabo-5 ntambama kugasele abalisa abawu-5, behlomile bafike bafuna imali nomakhalekhukhwini khona esitolo, kubasebenzi, base bebathumba, bebevalele ngaphakathi esitolo. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa oPhiko Umzinyathi District Task Team, kanye nonogada bakulendawo bagasele khona kulesitolo bafike bakhulula abasebenzi base bebopha abasolwa ababili. Okhulumela amaphoyisa akulesiFunda Umzinyathi , uConst Siyabonga Ngwenya uthe abasolwa abathathu bakhonile ukubaleka kodwa ababili baboshiwe , kanti laba abathathu bakhonile ukubaleka nesamba semali esingadalulwanga kanye nomakhalekhukhwini. Uhube wathi laba basolwa abathathu basathungathwa amaphoyisa, nemali ababaleke nayo kanye nomakhalekhukhwini. Uthe laba ababili bazovela eNkantolo kaMantshi waseGreytown bebhekene namacala okubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe.