IMEYA yoMasipala waseNkandla engasekho, uMnuz Mbhekiseni Biyela Isithombe: SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usedulise amazwi enduduzo emndenini wobeyimeya kaMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni ‘Bhejane’ Biyela odlule emhlabeni ngoMsombuluko ngemuva kokugula isikhathi esifishane.
“Ukudlula emhlabeni kukaMeya waseNkandla uKhansela Biyela kushiya isikhala emkhakheni wohulumeni basemakhaya esifundazweni saKwaZulu-Natal,” kusho uButhelezi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Uthe uMnuz Biyela usebenze ngokukhulu ukuzikhandla nokuzimisela ekuhanjisweni kwentuthuko ezakhamizini ezakhele uMasipala waseNkandla.
Uphethe ngokwendlulisa amazwi enduduzo enhlanganweni aqhamuka kuyona Inkatha Freedom Party (IFP).
“Akwehlanga lungehli, silahlekelwe ngumholi obeqotho futhi esebenzela izakhamizi zaseNkandla, liyaziwa igalelo lakhe emkhakheni wohulumeni basemakhaya.”