UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi uthi ukhathazekile ngeziteleka ezenzeka ngaphansi kukaMasipala uMdoni, lapho izakhamuzi ebesezivale umgwaqo amaviki amathathu. Uthi lokhu kwenza isimo singabibikho sihle futhi lokhu kuyamkhathaza kakhulu. Ube esibiza umhlangano namuhla ukuze kuqhanyukwe nezixazululo, lomhlangano usaqhubeka namanje. Uqhube wathi njengoMphathiswa kulesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uzibophezele ukuthi umphakathi uahnjiselwe izidingo ngaso sonke isikhathi. Uthe kukhona nezinsolo zenkohlakalo ozovezayo kanye nokungahanjiswa kwezidingo kuwona.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...