KWESIPHEZULU nguBoitumelo Rabale oqokwe njenge Women’s Footballer of the Tear, Ronwen William’s Men’s Footballer of the Year kanye Mazola Molefe othole umklomelo we South African Football Journalist of the Year.
I-HOLLYWOODBETS ibambisane neSouth African Football Journalists Association (SAFJA), babungaze isizini ka-2023/24 ngokuklomelisa abadlali nezintatheli ezenze kahle ebholeni likanobhutshuwazo labesilisa nabesifazane.
Abaklonyelisiwe baklonyeliswe emkhakheni eyahlukene okubalwa kuyo oweSAFJA Women’s Footballer and Male Footballer of the Year besizini ka-2023/24, emcimbini obubanjelwe e-Southern Sun Hyde Park, eJohannesburg ngoLwesibili.
Iqembu iMamelodi Sundowns iqoqe yonke imiklomelo njengoba ongumgadli wayo kwabesifazane uBoitumelo Rabale odlala eqenjini layo iSundowns Ladies edlala kwiHollywoodbets Super League, uqokwe njenge Women’s Footballer of the Year, kwathi unozinti uRonwen Williams waqokwa njenge-Men’s Footballer of the Year.
Kuyaqala kulo nyaka ukuthi kulo munxa okuqokelwe kuwo okaWilliams kuklonyelise ngemali ngoba kuyaziwa ukuthi phambilini abadlali bebenikezwa izindondo kanye nezinkomishi kuphela.
Okhulumela i-Hollywoodbets, uKuhle Mkize uthe uRabale udlale ngokukhulu ukuzimisela eqenjini labesifazane leSundowns kule sizini yeSuper League esisongwa, elishayela amagoli. ISundowns Ladies inqobe koweligi, yedlulela kwi-COSAFA Women’s Champions League, yaphinda yanqoba kowe CAF Women’s Champions League.
URabale ushaye amagoli angu-19 kulabo shampeni base-Afrika wabe eseklonyeliswa ngemali engu-R20 000, enyuke kusuka ku-R5,000 ngonyaka ondlule.
Abanye ozakwabo bakaRabale, uKaylin Swart, Bongeka Gamede, Chuene Morifi kanye noSphumelele Shamase, bona bagixabezwe ngemali engu-R2,000 umuntu ngamunye.
UKaputeni weSundowns neBafana, uRonwen Williams, yena wenze ezibukwayo kule sizini eqenjini lakhe iSundowns kanye naseqenjini lesizwe.
“UWilliams usekhethwe amahlandla ayisithupha ngaphansi kweSAFJA, wakhala nomklomelo amahlandla amahlanu onjengewe Men’s Foootballer of the Year, kanti uphinde waqokwa okokuqala emklomelweni ohlonishwayo emhlabeni, i-Ballon d’Or, lapho ezodlana khona imilala nonozinti abahlonishwayo emhlabeni emunxeni wonozinti i-Yashin Trophy, ngo-Okthoba 28, eParis, eFrance.
Njengoba le miklomelo iphinde iqhakambise nezintatheli ezibika, zibhale kahle ngezemidlalo, uMazola Molefe weSAB Sport nguyena okhale wemuka nomklomelo weSouth African Foootball Journalist of the Year, njengoba ebika ngokungesabi ngezindaba zebhola ezinohlonze, nobesehlabana ngalo mklomelo okwehlandla lesibili iminyaka ilandelana.
UMolefe ubeqhudelana nezinye izintatheli ezinamava okubalwa kuzo uLorenz Kohler weDiski Times, noMthokozisi Dube weFar Post.
Emunxeni we-Young Journalist of the Year uSinethemba Makonco weDiski Times nguyena odle umhlanganiso.
Ongusihlalo weSAFJA, uVelile Mnyandu uthe: “Ukuklonyeliswa kwabadlali abavelele nezintatheli ezibika ngendlela eyiyo kuhloswe ngakho ukukhuthaza nabanye ukuba benze kahle umsebenzi wabo webhola likanobhutshuzwayo nababhalayo babhale okuyikho. Kulo nyaka sifake umunxa weYoung Journalist, obungeko phambilini kusukela sayiqala nemiklomelo.
UMenzi Ngcobo, oyi-senior sponsorship coordinator yeHollywoodbets, uthe i-Hollywoodbets ijabule kakhulu ngokusebenza ngokubambisana neSAFJA ekuhlonipheni abadlali abenza kahle nokuqhakambisa amakhono ebholeni likanobhutshuzwayo kubadlali baseNingizimu Africa.
“Lobu budlelwano esinabo sengathi bungaqhubeka njalo ukuze kugqugquzelwe abadlali ukuthi badlale ngokukhulu ukuzimisela uma besenkundleni. Sibongela bonke abaqokiwe nabawinile baphinde baklonyeliswa, ngoba kulokho izintatheli ezibika ngakho kuyoba ngumlando nasezizukulwaneni.”