UMEYA woMkhandlu Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu unikele ngezivimba zulu (Lightning conductors), endaweni yaseMgundeni , kuMasipala Emadlangeni. Mhlaka 29 November uMeya Ndabuko Zulu, ukuqinisekisile ukuthi uhambisa lezivikela zulu kulendawo esibalulwe ngenhla evamise ukuhlaselwa umphezulu. “Sifaka lezivikela zulu ukuze siphephise umphakathi, “kusho yena. Kanti Amajuba njengomkhandlu bake benza isithangami lapho bebefundisa abantu khona ngesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu (Climate change workshop), ukuze baqwashise abantu ngobungozi besimo sezulu. Iminyango ehlukahlukene okubalwa kuyo, the Department of Fisheries, Forestry, and Environment, Working on Fire, the Department of Agriculture, Land Reform, and Rural Development, South African Police Services (SAPS), Kanye Independent Electoral Commission, bebeshiyelana inkundla ngezikhulumi ebezibeka uvo lwazo mayelana nokuguquguquka kwesimo sezulu. UMenenja woMkhandlu Amajuba uMnu P.M Manqele ubalule ukuthi abantu abantu kumele baqinisekise ukuthi bayavikeleka uma kuqala ukuguquguquka kwesimo sezulu. UMeya uMntwana Ndabuko Zulu ubonge kakhulu Inkosi yakwaMabaso okuyiyona ebimnxenxa ukuba abake lezivikela zulu, endaweni yayo, ukuze kunqandeke ukundlula kwabantu emhlabeni bendlula ngenxa yokushaywa umbani noma ukulelelselwa yinkosi. “Siyajabula njengomkhandlu ukuthi sikwazi ukulula isandla sisize abafowethu nodadewethu, siphinde sibonge neNkosi ngegalelo layo nokukhombisa ukusithanda isizwe sayo.