KUBOSHWE umsolwa kwashaqwa isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu Kranskop, esiFundeni Umzinyathi mhlaka 6 April 2024. Kuvelile ukuthi ukushesha Kanye nokusukumela phezulu kwaweKranskop Detectives Kanye ne Kranskop Crime Prevention unit, kuholele ekuboshweni komsolwa oneminyaka ewu-25, obesolwa ngokubamba inkunzi ehlomile nezinye izinswelaboya ezimbili, lapho kuthiwa kwathathwa isamba semali engaziwa Kanye notshwala endaweni yokucima ukoma kulendawo esibalulwe ngenhlangano. Kuphi den kwavela ukuthi ngoLwesihlanu mhlaka 5 April 2024, kwagasela izinswelaboya eziwu-3, afike zabamba inkunzi zihlomile zathatha utshwala zashaya zachitha. “Ngosuku olulandelayo mhlaka 6 April 2024, amaphoyisa esathungatha abasolwa alunywa indlebe ngokuthi laba abasolwa, ababo ababili basendleleni esuka Kranskop-neGreyton kodwa bafudukela eGoli,” esho. UConst Siyabonga Nkwanyana tshele leli phephandaba esitatimendeni ukuthi lezinhlaka ziphuthume zayokwenza izivimba ngwaqo kulomgwaqo abalunywe indlebe yokuthi abasolwa bahamba ngawo. Uqhube wathi umsolwa oyedwa wabohwa kwathi omunye wakho a ukuphulukundlela kumanje usagcwele amathafa, anti amaphoyisa asezithendeni zakhe anti asafuna nalena enye inswelaboya. Lona utholakale nesibhamu esingekho emthethweni Kanye nezinhlamvu. Uphenyo amaphoyisa luyaqhubeka.