ISALE inje imijondolo emva kokusha.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, usejube ithimba labezimo eziphuthumayo elihambisana nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuthi ziyosiza umphakathi wasemijondolo eku-Kenney Road, kulandela ukuqubuka komlilo ezintathakusa namhlanje ngoMgqibelo,eThekwini.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Ibalelwa ku-122 imijondolo eshe yangqongqa, kwathi owesifazane nengane yakhe enonyaka batholakala beshonile.”
UNgqongqoshe uButhelezi, usedlulise amazwi enduduzo emndenini wabashonile wathi umnyango uzobeseka ngakho konke kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso.
“Amathimba ezimo eziphuthumayo njengamanje akuleyandawo ukubheka umonakalo owenzekile ungakanani aphinde akwazi nokulekelela lapho engasiza khona kanjalo nokuzama ukutholela izisulu usizo,” kusho uMzila esitatimendeni.
“Yize noma imbangela yokuqubuka kwalo mlilo ingakaziwa kodwa uNgqongqoshe Buthelezi, unxusa izakhamuzi ukuba ziqikelele uma zisebenzisa umlilo ukuzigcina zifudumele njengoba kuhlasele amakhaza nezimvula esifundazweni KwaZulu-Natal kulempelasonto.
“Egameni likahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal ,sikhalisana kakhulu nomndeni olahlekelwe yizihlobo zawo. NjengoMnyango, sikhathazeke kakhulu ngezigigaba ezinjengalezi, osekungesesine njengoba kuqale ubusika. Siyawunxusa umphakathi ukuba ucophelele kakhulu ngalesi sikhathi uma usebenzisa umlilo, izimbawula noma ama-heater ngoba kungaba nomthelela omkhulu ekutheni kuqale umlilo oshiya umonakalo onjengalona esiwubona lapha kuKenney Road,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi esitatimendeni.
“Uma seluphothuliwe uphenyo lokuthola ukuthi umlilo ususwe yini, ngoMsombuluko uNgqongqoshe uButhelezi uzohambela le ndawo ukuyokweseka izisulu.
“Njengoba abesimo sezulu iSouth African Weather Service, beveza ukuthi kuzohlasela amakhaza esifundazweni, uNgqongqoshe uButhelezi unxusa amalunga omphakathi ukuba aqaphele uma esebenzisa umlilo ukuzifudumeza,” kusho uMzila esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , amathimba ezimo eziphuthumayo kubona bonke omasipala bami ngomumo balindele ukuyosiza noma ikuphi lapho bezobe bedingeka khona.