UMNYANGO weZabasebenzi wendlulise amazwi enduduzo! Lokhu kulandelwa ukundlula emhlabeni kwabasebenzi abangu-12,emayini Impala Platinum eseRustenburg. Ngokuvezwe Impala , abasebenzi bakhushulelwe phezulu besuswa kwishaft emva kokuba besebenzile besuswa kwishaft engamamitha angu-1000, emva kokubonakala ukuthi ngathi ayilungile kahle lento yokubalayisha ibafake iphinde ibakhiphe emgodini. UNgqongqoshe weZabasebenzi uMnu Thulasi Nxesi, uthe lokhu okwenzekile kubi kakhulu kuyethusa futhi kubuhlungu kakhulu, ngokundlula emhlabeni kwabantu abaningi kangaka. Uthe bona bengumnyanga bazoqinisekisa ukuthi bazosiza kakhulu lapho kumele basize khona ngenhloso yokwelula isandla nokulekelela imindeni elahlekelwe. Uthe bewumnyango bendlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani nakwabesebenza nabo kanye nasezimayini uqobo. Uqhube wathi bafisela bonke laba abangu-75 , abasezibhedlela nalapho bekhona, babafisela ukuthi balulame ngokushesha imindeni yabo iyabakhumbula. Wabe esthi bonke laba abandlulile emhlabeni baphumule umphumlela wafuthi. UMnu Nxesi ube esenxusa ukuthi bonke laba ababhekelene nezempilo kanye nezokuphepha ezimayini ukuba benze uphenyo oluphuthumayo, ukuze kutholakale ukuthi ngabe kube khona yini ubudedengu noma ukunganaki ngalesigameko. Uma kukhona ubudedengu noma ukunganaki, ingalo yomthetho kumele idlale indima yawo.