NGAMALUNGA e qembu UmkhontoWesizwe elungiselela ukugibela ezimotweni ezishaye ujenge ziyobonga kwabaseke leliqembu , nabalivotele
IZIMOTO zamalunga eqembu Umkhonto Wesizwe zishaye ujenge zisuka eNewcastle Mall ziyobonga emphakathini ngokunqoba lesiFundazwe saKwaZulu-Natal, okhethweni obelubhekwe ngabomvu. Kuvelile ukuthi lezi moto zishaye ujenge zalibangisa ezindaweni ezahlukene ziyobonga kumavolontiya kanye nalabo abakhombise ukulethemba kakhulu leli qembu baphuma ngobuningi babo beyoluvotela okhethweni obelubhekwe ngabomvu , ngamaqembu amaningi kulesiFundazwe ngoba sinabantu abaningi abavotayo. Kuphinde kwavela ukuthi lezimoto zisuke eNewcastle Mall zahambela lezindawo ezilandelayo , eBerry Hetzorg, Ncandu, Madadeni kanye nasOsizweni. Kuvelile ukuthi loluhlelo belubizwa ngesiyabonga kubo bonke abavoti abavotele leliqembu nokuholele ekutheni lidle umhlanganiso kulesifundazwe liphinde livelele kwezinye izifundazwe ikakhulukazi eMpumalanga lapho likhombise ukwesekwa khona kakhulu.