UMKHANDLU WaseMadlangeni usuxwayise umphakathi ukuthi ungazilaleli izincingo nabantu abazenza ngathi basebenzela umkhandlu! Lokhu kuvele emva kokuba kukhona abakhipha izitatimende noma abantu abazenza abasebenzi bakwamasipala osubalulwe ngenhla bethi basebenza khona ngenhloso yokubaqoala Kuphinde kwavela ukuthi laba bahambe befuna imali bezenza amakhansela noma abasebenzi bomkhandlu. Umkhandlu uthe esitatimendeni abantu abangakhulumi noma bafake imali yabo kulabantu.
Uhulumeni uqwashisa izakhamizi ngokulala nezimbawula
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usekhiphe isexwayiso sokuthi izakhamizi aziqikelele ukuthi azilali nezimbawula njengoba kuyisizini yasebusika...