KUZOKWETHULWA isakhiwe sezezinhlekelele (Disaster Management Centre), kuMasipala i-Dr Nkosazana Dlamini-Zuma, esizobhekelelana nezinhlekelele ezingahle zehle ebusika, kanye nokuzinciphisa. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ethi kuzokwethulwa i-Fire and Disaster Management Centre eBulwer, khona namhlanje. Uthe lesakhiwo esibhekelele ezezinhlekelele sesiphothuliwe futhi kuhloswe ngaso ukunciphisa izinhlekelele, kanti sizosiza kakhulu ezigamekweni zokuhlasela komlilo wequbula kulomasipala osubalulwe ngenhla. Uthe kuzokhumbuleka ukuthi uMasipala i-Dr Nkosazana Dlamini-Zuma, ikekelezelwe izindawo eziningi ezingamahlathi futhi zingamapulazi , yingakho bekubone kusemqoka ukuthi, bahlinzeke kalenqalasizinda ngoba kunonselelo enkulu yokuhlaselwa yimililo yequbula. Uphethe ngokuthi lenqalasizinda noma lesakhiwo sidle izigidi zamarandi yemali yabakhokhi bentela.
Ukwethulwa kanye nohlelo kume kanje:
Usuku:25 April 2024
Indawo;Dr Nkosazane Dlamini-Zuma Emergency Centre, Bulwer
Isikhathi:10am Kumenywa abezindaba ukuba babe yngxenye yalokwethulwa kwenqalasizi