KWESIPHEZULU nguNdunankulu wesifundazwe i-KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli bese kuthi esingaphansi kube nguMnu Sipho Hlomuka uNgqongqoshe wezeMfundo kuso isifundazwe i-KwaZulu-Natal.
UNDUNANKULU wesifundazwe i-KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnu Sipho Hlomuka, bazoqapha esikoleni Isolemamba High School, eFolweni, njengoba kuzobe kuqalwa ukubhalwa kwephepha lesithathu lesiNgisi (English Paper 3) lika-matric ngoMsombuluko.
Lesi sikole singaphansi kwesekethe Insimbini, eMbumbulu. Kubikwa ukuthi lezi zikhulu zikahulumeni zizobe zikhona kulesi sikole ngezithuba zabo-8 ekuseni ukuyoqapha ukuthi abafundi abenzi yini okuphambene nomthetho – ukukopela – ngenkathi kubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka zebanga leshumi.
UNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Hlomuka ukuqinisekisile esitatimendeni ukuthi bazovakashela lesi sikole ngenhloso yokuqapha ukuthi ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kuhamba ngohlelo ngaphandle kwezihibe.
“Sihlele ukuthi siye kulesi sifunda, Insimbini, esiseMbumbulu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izivivinyo zokuphela konyaka zebanga leshumi ziqala kahle ngaphandle kwezihibe.
“Singumnyango sifisela bonke abafundi ukubhala okuhle, nabaphathi bezemfundo umsebenzi omuhle wokuhlela kahle ukuthi lezi zivivinyo ziqala kahle kungabi nazihibe,” kusho uMnu Hlomuka.
“Sibonga kakhulu kuNdunankulu wesifundazweni, uMnuz Ntuli, ngokuweseka uMnyango wezeMfundo ngoba kuhloswe ukuqinisekisa ukuthi ikusasa lezingane ikakhulukazi lezi ezibhala izivivinyo zazo zokuphela konyaka zebanga leshumi liyaqhakaza.
Njengoba kuqalwa ukubhalwa kusasa ngoMsombululuko kuzodonsa izinsuku ezingu-29, okuyingakho kubalulekile ukuthi lezi zivivinyo zibhalwa ngaphandle kwezihibe. Sifisela bonke abafundi abazobe bebhala izivivinyo zabo impumelelo.”