NGAMAPHOYISA abophe umsolwa kanye naye umsolwa.Isithombe.SITHUNYELWE
UPHINDE waboshwa umsolwa oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili oweqa esitokisini samaphoyisa ase Mariannhill ngoMsombuluko ngeviki eliphelile.
Kubikwa ukuthi lo msolwa uboshwe ehositela lase uMbilo mhlaka 22 Meyi 2025.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , uphinde waboshwa umsolwa oweqa esiteshini samaphoyisa ase Mariannhill ngoMsombuluko ophelile emva kokuba wabe eboshelwe icala lokudlwengula emakothishi aseNkandla.
Uphinde wakuveza esitatimendeni , ukuthi umsolwa usevelile eNkantolo kaMantshi wase Pinetown kanti icala lakhe lihlehlile futhi uzophinde avele eNkantolo kaMantshi wase Ekhombe ebhekene necala lokudlwengula abafundi besikole abaningana emakotishi esikole saseNkandla.