KUBOSHWE abasolwa abathathu abaneminyaka esukela kwengu-23 nengu-51, emva kokuba betholakale nekhopha eyebiwe. Kuvelile ukuthi oKlebe (HAWKS), avela kwi-Durban Serious Organised Crime Investigation, amaphoyisa kanye nabasebenzi bakwaMasipala wase-Ethekwini, balunywe indlebe ngamalunga omphakathi, ukuthi kunamakhebula ekhopha abekwe emzini thizeni e-Montclair. Okhulumela amaHAWKS KwaZulu-Natal, uLt-Col Simphiwe Mhlongo, uthe lezinhlaka zamaphoyisa kanye nezisebenzi zikamasipala zibe sezigasela kulomuzi ezilayelwe wona. Uqhube wathi uma zifika lezinhlaka zamaphoyisa zithole amadilamu amane avaliwe angawakamasipala weTheku, abefake amakhebula angabiza imali engu-R250 000.00. “ Kube sekuboshwa umnikazi womuzi kanye nababili abadabuka kwamanye amazwe angomakhelwane,” esho. Uqhube wathi labasolwa bavelile eNkantolo kaMantshi waseDurban mhlaka 11 December 2023, icala labe selihlehla. Uthe kwesinye isigameko esingahlobene nalesi kuboshwe abasolwa abangu-11 , abaneminyaka esukela ku-24 kuya kwengu-35, abasagcinwe ezitokisini emva kokuba bevele kafushane eNkantolo kaMantshi. Uthe labasolwa baboshwe yilo lolu Phiko oselubalulwe ngenhla ngoLwesithathu ngeviki elendlule eMgababa, emva kokuba babanjwa oqotsheni, beshisa amakhebula ekhopha, nayo ehlonzwe ngumasipala weTheku ukuthi ngeyawo. “ Nabo bathweswe amacala okutholakala nempahla yokwebiwa,” esho. Uphethe ngokuthi lamakhebula ekhopha angabiza imali engu-R500 000.00. Uthe labasolwa bazovela eNkantolo kamantshi waseThekwini kusasa mhlaka 14 December 2023, bebhekene necala lokutholakala nempahla yokwebiwa.