UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, noNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uMnuz Siboniso Duma, bahlele umhlangano ophuthumayo nabemboni yamatekisi ahamba amabanga amade ozoba sePietermaritzburg City Hall, eMgungundlovu ngoLwesine.
Ngokusho kukaMnuz Bongani Gina, oyinhloko yezokuXhumana ehhovisi likaNdunankulu, lo mhlangano kuhloswe ngawo ukuphuma nesisombululo sokuqeda lesi siteleka semboni yamatekisi.
“Kubikwa ukuthi lo mhlangano uyaphuthuma ngoba amatekisi ahamba amabanga amade asesitelekeni ngenxa yokuthi abanikazi bawo bakhalaza ngokungatholi izimvume zokuhamba eMnyangweni wezokuThutha. Lesi siteleka sesishiye dengwane abagibeli abaningi,” kusho uMnuz Gina esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Uqhube wathi ngaphandle kokushiya dengwane abagibeli, lesi siteleka siphinde saholela ekuvalweni kwemigwaqo okubalwa uN3, owase Hluhluwe, Vryheid, Mondlo, Babanango, Dalton nowaseNkandla, uvalwa yibo abemboni yamatekisi kulesi sifundazwe.
“Lokhu sekudale ukuthi abantu bahluleke ukuhamba besuka eThekwini baye kwamanye amadolobha ngenxa yalesiteleka okwenzeka ngesikhathi samaholide kaKhisimusi noNcibijana kanti neningi labantu lizimisele ngokubuyela emakhaya.
“Lesi siteleka sesishiye dengwane izinkulungwane zabantu ezisebenzisa amatekisi uma kumele ziye emakhaya.”