NGUKHANSELA Richard Madi, umsizi wothisha uMnuz Buthelezi kanye nabafundi abahlomule ngezicathule. Isithombe.SITHUNYELWE
UKHANSELA waseWadi 8 eSpringbok ngaphansi kukaMasipala waseDannhauser, welule isandla kubafundi abantulayo ngokunikelela ngezicathulo , kubafundi abayishumi ngoLwesine (izolo).
UKhansela Richard Madi uthe , ngangiye kulesi sikole samabanga aPhezulu i-Thathunyawo High ekuqaleni konyaka , ngihambisana nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni okubalwa kuzo amaphoyisa aseDannhauser, Izinduno nezinye izinhlaka ngenhloso yokuyokhuza impi eyayiphakathi kwabafundi eyabe isingenelelwe ngabantu abangafundi.
“ Sasiye e-Thathunyawo ekuqaleni konyaka siyokhuza ukulwa kwabafundi,”esho.
Uthe umoya wami wabe usuthinteka ngalo lolo suku lokuqwashisa abafundi, uma ngibona umfundi ongenazo izicathulo.
Uqhube wathi isimo sakhe sangithatha sangibuyisela emuva ngakhumbula ngisafunda isikole ngingenazo izicathulo.
“Ngiyabazi ubuhlungu bokuswela isicathulo, ingakhoke ngibe sengicela ukupha abafundi abayishumi izicathulo,”kusho uMadi.
Uthe ngibe sengindlulela kwa Mthati emzini owasha, lapho ngifike nganikelela khona ngendlu yesikhashana (temporal shelter).
“Sikwenze lokhu ukuthi uma besalinde indlu abazokwakhelwa yona bebe benayo indawo yokufihla ikhanda okwesikhashana,”esho.
Uphethe ngokuthi le ndlu bazoyisebenzisa okwesikhashana njengoba sebuqalile ubusika , akumele ukuba bagodole, besalinde ukwakhelwa indlu engcono.