NGUDOKOTELA Vusi Shongwe.Isithombe.SITHUNYELWE
BAHLEKA ozakwethu kuHulumeni bacishe balala phansi ngezisu bezwa kungena ucingo kumakhalekhukhwini wami ngabona ngiguqa phansi ngedolo ngiphendula ucingo. Cishe umfundi usenaso isithombe sokuthi ubani owayengishayela ucingo. Ngiguqa nje ngise-ICC igcwele iyaphuphuma izikhulu nabasebenzi bakaHulumeni. Kunjalo.
Ucingo engangiluphendula lwaluvela kuMdlokombane uqobo lwakhe. Lapha ngizama ukuveza isithombe sokuthi kwenzekani uma umjovo wenqubo elandelwayo noma okumele ilandelwe (protocol) uma umuntu ekhuluma neNgonyama phambi kwayo noma ingekho. Angifisi ukuzwakala kabi. Angisho ukuthi kwakuyimpoqo ukuthi kufanele ngiguqe uma kungena ucingo oluvela kuNomthebe wesizwe. Ukuguqa kwami kwakuyinkomba yokuthi ngiyithanda futhi ngiyihlonipha kangakanani iNgonyama. Akukho ukuzinyeza engangikuzwa uma ngiguqa phambi kwabantu abaningi uma ngikhuluma neNgonyama ocingweni.
Ngangithi uma ngiqeda ngivele ngikhuleke khona lapho ngimusho uMdlokombane ngokukhulu ukuzigqaja.Kanjalo uma ngiseduze kwayo iNgonyama, bengiba isibonelo ukutshengisa inqubo okufanele ilandelwe uma umuntu ekhuluma neNgonyama. Lutho neze ukuyibheka ngqo emehlweni iNgonyama.
Esikhundleni salokho, ubutshontsha ngesivinini sombani weZulu ukubheka ubuso beNgonyama ukuthi iyazithokozela noma ziyayinenga izimpendulo oziphendulayo. Noma kuse- Mall, ePhalamende, esigodlweni, amadolo abeshaya phansi. Bengikwenza lokho ngokukhulu ukukhululeka kanye nenjabulo.
Ngangingeke ngikwenze ngingubani mina uma izilomo ezifana nobaba uZenda kanye nobaba uDlamini engabafica bekhonza uMdlokombane beyisibonelo esihle sokutshengisa ukuthi iNgonyama ihlonishwa kanjani.
Uma ngikhuluma ngobaba uDlamini, engamubiza njengesilomo sikaMdlokombane. Kwakhala uNdlunkulu othize wathi “hawu Dlamini,” wena awukhathali yini ukukhuluma. Nina beSilo, uphiwe ukukhuluma kamnandi ubaba uDlamini. uDlamini wayehlala noMdlokombane kusukela ngo-11 ekuseni kuze kushaye u-3 ekuseni lapho uMdlokombane wayezwakala ethi “hhayi sekuhlwile bakwethu asambeni solala.
” Ngangivele ngimoyizele kwazise uma ephawula kanjalo uMdokombane. Ngo- 3 ekuseni uMdlokombane ethi sekuhlwile🙈🙈🙈. Ngiyafisa akwazi umfundi ukuthi uMdlokombane wayengalali engaqinisekanga ukuthi ngihambe kahle futhi ngifikile lapho ngihlala khona ngokomsebenzi noma ngifikile ekhaya.
UMdlokombane wayefona, ehlola ukuthi ngisahamba kahle endleleni. Kwangisiza lokho ngoba ngolunye usuku ngidlula ngemoto ngaseDokodweni kwazwakala umsindo wokuqhuma kanti izigebengu ziphonsa ugodo phezu kwebhuloho ngenhloso yokungigebenga. Ngafonela uMdlokombane ngokushesha. Emizuzwini engaphansi kwesihlanu zase zithelekile ezikaNdosi, ubaba uBheki Cele.
Lwangena ucingo luvela kuNdosi ejutshwe uMdlokombane ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜. Laluphumule Sil’esikhulu. Uyohlala ukhumbuleka njalo empilweni yami.Ngifisa ukuphetha ngokusho ukuthi sekungumlando ukuthi amaphoyisa omgwaqo azongivimba ngishayela ngesivinini esikhulu. Ngokukhulu ukushesha ngophuma emotweni ngihlabe ngedolo phansi ngenze ngathi ngikhuluma noMdlokombane, ngizwakale ngithi “ewu Silo njengoba ngiphuthuma lapho ongithume khona sekwenzeke iphutha ngahamba ngesivinini esikhulu. Amaphoyisa asengimisile manje.” Abezomthetho, ikakhulukazi abamnyama, bazongizwa ngisolokhu ngiphendula ngokuthi Bayede, Bayede. Ngiyothi uma ngiqeda ukukhuluma mbumbulu noMdlokombane, ngivele ngiqonde ephoyiseni. Liyongibuza isibongo bese lithi ungashayeli ngesivinini Shongwe. Sisakudinga ukuba usibhekele iNgonyama yethu. Kulungile hamba. Ngiyobonga kodwa ungilimaze unembeza ngokuqamba amanga. Naningenza njani ukube naniyimi nina beSilo. Mina ngenza lokho ngesi- Afrikaans bathi: Ek moet a plan beraam ( formulate a plan). Kwakufanele ngakhe isu. I had to ingeniously think outside the box.
Dokotela Vusi Shongwe
Emgungundlovu